EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs nabeSekhukhune nezindondo zeBetway Premiership

Abanqobe le miklomelo bahlonzwe yithimba lezintatheli nabasakazi eligunyazwe yiPSL. 

Ukwahlulela kwenzeke ngoLwesibili lukaMeyi 13, futhi bekwenganyelwe yiPremier Soccer League nabaxhasi beligi iBetway.

  • UMakgalwa ubevelele kwiSekhukhune

UKeletso Makgalwa weSekhukhune United uqokwe njengoMdlali oVelele wenyanga. 

Udlale imidlalo emithathu kwemine edlalwe yileli qembu laseLimpopo ngo-Ephreli. 

Lo mdlali wasesiswini ushaye igoli elibalulekile, wakha elinye, esiza iqembu lakhe ukuthi lingahlulwa ngenyanga edlule.

UMakgalwa ubehekene nombango onzima kule ndondo. Bekukhona uzakwabo ongunozinti uRenaldo Leaner ongangenelwanga goli emidlalweni emibili. 

Bekukhona noSanele Barns weStellenbosch FC naye osemgqigqweni omuhle kuleli qembu laseKapa.

  • UTinkler uqwaqwade abaqeqeshi efika kwiSekhukhune

Umqeqeshi weSekhukhune, u-Eric Tinkler, uklonyeliswe njengoMqeqeshi weNyanga. 

Ngaphansi kobuholi bakhe, iSekhukhune United inqobe kathathu yadlala ngokulingana kanye ngo-Ephreli.

Ishaye iCape Town City ngo 2-1, iPolokwane City ngo 2-0, ne-Orlando Pirates ngo 1-0. 

Idlale ngokulingana ngo 1-1 neTS Galaxy. Le miphumela iphushele iSekhukhune emaqenjini amathathu aphezulu kilogi ye-Betway Premiership.

  • ULilepo uzifake ezinhliziyweni zabeKaizer Chiefs

Umgadli weKaizer Chiefs uGlody Lilepo uthole umklomelo weGoli leNyanga ngegoli lakhe elihle alishaya bebhekene neMarumo Gallants ngo-Ephreli 26.

Lesi sihlabani saseCongo sajika abadlali basemuva abathathu beGallants ngaphambi kokudedela ishodi, lakhala enethini. 

Igoli lakhe beliqhudelana nawoKamogelo Sebelebele weTS Galaxy nelikaThulani Gumede weRichards Bay.