
OweBucs ucishe wawubuka nezihlwele owamanqamu
- Sibongiseni GUMBI
Ugidelwe yidlozi uThabiso Sesane we-Orlando Pirates nongomunye wabadlali abasefomini kulezi zinsuku.
Lo mdlali wasemuva osemncane udlala kahle kakhulu nangokuzwana no-Olisa Ndah emuva kwiPirates.
Wangena esikhaleni sikaTapelo Xoki owalimala maphakathi nesizini edlule, kanti kusuka lapho usekhombise ukukhula kakhulu.
Kwayena uXoki uma esebuya komele asebenze kanzima ukubuyela eqenjini eliqala imidlalo njengoba uSesana enza kahle.
Nokho njengoba iPirates ibheke kowamanqamu weMTN8, kumele ngabe uSesane udliwa wunembeza, uyazisola ngokuthi uzobe engekho.
Ngokusho komhlaziyi wezinqumo zonompempe, uVictor Hlungwani, uSesane bekumele aphume ngekhadi elibomvu emdlalweni wabo odlule.
“USesane wenze lelicala esilibiza nge-DOGSO – Denying of an Obvious Goal Scoring Opportunity (ukuvimba umdlali eseyoshaya igoli),” kuchaza uHlungwani kwiSoccerzone.
“Uyabona ibhola liphaselwe u(Justice) Figuareido – UFiguareido uphambili, manje ake sibheke izimpawu zeDOGSO.
“Ibanga phakathi komdlali nepali? Useduze kakhulu. Ngabe ubheke kuphi? Epalini.
“Ngabe uzokwazi ukulibamba ibhola? Kunjalo. Zikuphi izitobha, sinomdlali osele lapha,” kuchaza uHlungwani.
“Ngakho-ke, iRichards Bay yavimbeleka ithuba lokushaya igoli ngendlela engafanele.
“Lokho kusho ukuthi bekumele kuphume ikhadi elibomvu ngecala leDOGSO ngoba uvinje esebheke epalini ngokuthi adlaliswe kabi.”
USesane wavele wamkonotela uFigueredo, wamqumba phansi ngendlela owawungafunga badlala iWrestling.
Nokho unompempe umhlawulise ngekhadi eliphuzi kuphela, nokusho ukuthi uzobe ekhona enkundleni ngoMgqibelo.
IPirates izobhekana neStellenbosch FC eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
