Ezintsha

Isiqalile iminkenke yoqhekeko kwiDurban City

Kuvela ukuthi sekuqalile ukungqubuzana phakathi kukaGavin Hunt ongumqeqeshi no-Ernst Middendorp ongumqondisi wezokuqeqesha. 

Ngokuthola kweLisenethini  ngomuntu osondelene nomunye walezi zingqwele zabaqeqeshi, uMiddendorp usolwa ngookuugxambukela emsebenzini kaHunt.

Kuthiwa into eqale ufa phakathi kwabo yindawo la iqembu liziqeqeshela khona njengoba kuthiwa uMiddendorp ulitholele inkundla yebhola lombhoxo.

“UGavin Hunt imcasulile kakhulu leyonto, wamtshela kwezikabhoqo ukuthi akamtholele inkundla yebhola,” kusho lo mthombo.

“Kumanje laba baqeqeshi ababhekani ngenxa yokuthi omunye usola omunye ngokumhamba ngemuva kubaphathi.” 

UMthombo uphinde waqinisekisa ukuthi uHunt umbambe ngobhongwane uMiddendorp ukuthi amtholele inkundla yebhola iqembu elizozicijela kuyo,

“UHunt uze wakhipha amazwi okuthi bona badlala ibhola lezinyawo, hhayi ibhola lombhoxo,” kuqhuba lo mthombo.

Laba baqeqeshi banomlando omude ebholeni lakuleli futhi ukusetshenziswa kwabo ndawonye kwakuvele kusoleka ukuthi ngeke kuhambe kahle. 

Ngokusho komthombo, abaphathi kuzomele balusukumele ngokushesha lolu daba lungaze kukapakele eqenjini. 

IDurban City ingelinye lamaqembu ayiqale ngendlela encomekayo iligi njengoba isendaweni yesithupha kwilogo ngemuva kokunqoba emibili, yadlala ngokulingana kwemibili yahlulwa kowodwa emidlalweni emihlanu.

Lokhu kuyenza ibe namaphuzu ayisishiyagalolunye futhi ibukeka isendaweni enhle njengoba kuyisizini yayo yokuqala nje kwiBetway Premiership.