EzintshaMTN8Orlando Pirates

OwePirates uveza okumjabulisayo ngokufika kukaPedersen

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou uthi ujabule ngokuthi umgadli omusha u-Sebastian Pedersen usefikile eNingizimu Afrika.

Lo mgadli waseNorway oneminyaka engu-27 ubudala usayine esuka kwiSogndal IF. 

Ube yingxenye yekhempu yePirates eSpain ngaphambi kokubuyela ezweni lakubo.

Ugcine efikile kuleli, kuleli sonto. NgoMgqibelo ubebukele ezinkundleni ngesikhathi iPirates ishaya iDurban City ngo 2-1 emdlalweni weMTN8.

Ngemuva kwalo mdlalo, abalandeli bemukele ngenhlokomo lo mgadlo wabo omusha, bemkhombisa uthando. 

Umqeqeshi ube esebuzwa ukuthi ingabe u-Sebastian Pedersen angakwazi yini ukuxazulula inkinga yokushaya amagoli kwiPirates.

Uphendule ngokuthi ukufika kwakhe kuyizindaba ezimnandi kakhulu kuye naseqenjini lilonke.

“Kuhlale kuyizindaba ezinhle kumqeqeshi ukuthola umdlali omusha,” kusho u-Ouaddou.

“Useyingxenye yabagadli esinabo futhi lokho kuyinto enhle kuwo wonke umuntu.

“Wonke umuntu ulangazelele ukumbona edlala. Uzoncintisana nabanye bonke abagadli esinabo ukuze athole indawo eqenjini.”

Njengoba esefike ngokusemthethweni u-Sebastian Pedersen, abalandeli be-Orlando Pirates sebebheke ukuba axazulule inkinga yamagoli.