
Ayichazanga, kodwa yenze okubalulekile iKaizer Chiefs
IKaizer Chiefs ayizange ifike ezingeni elijabulisayo ngokwebhola, kodwa yenze obekufanele ishaya iZesco United ngo 1-0.
Bese kungokwesine kulandelana iKaizer Chiefs inqoba ngo 1-0. Lo mphumela bewubalulekile futhi ubeke iChiefs endaweni yesibili kuGroup C weCaf Confederation Cup.
Iphinde yasheshe yalishaya igoli kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngeSonto ntambama.
Liqhamuke ngomnyakazo omuhle ophelele kuGlody Lilepo obe esededela ishodi, layokhalakathela enethini.
Kodwa ngemuva kwalokho akukho okutheni elikwenzile leli qembu laseNaturena futhi lidonse kanzima ikakhulukazi esiwombeni sesibili.
Unozinti uBrandon Petersen wenz eumsebenzi oncomekayo echitha imizamo yeZesco yize nayo beyimbalwa njengoba lomdlalo.
FUNDA NALA | UMofokeng uveza okubasizayo uma besekhaya
IKaizer Chiefs sekuzomele imincele ukuthi iZamalek ne-Al Masry baphinde babambane emdlalweni wabo ozoba ngeSonto ebusuku.
Uma kungenzekanga njalo, omunye umphumela ongasiza iChiefs wukuthi kunqobe i-Al Masry ukuze iZamalek ingawatholi amaphuzu aphelele.
