
OweChiefs ‘uvuke’ ngemoto ebiza isigidi kwachazeka ozakwabo
Umdlali wasemuva osemncane weKaizer Chiefs u-Aden McCarthy uzithole esematheni ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa kulokhu bekungekhona ngenxa yekhono lakhe lebhola nakwazi ukukwenza uma esenkundleni.
Lesi sihlabani esisafufusa saMakhosi sisanda kubonakala sime eduze neVolkswagen R-Line entsha sha.
Le moto yohlobo oluphambili nethandwa kakhulu yigenbge esakhula idayisa ngemali engaphezu kuka-R1 million emakethe yaseNingizimu Afrika.
UMcCarthy ungene ezinkundleni zokuxhumana wagaxa izithombe zakhe emi ngokuzethemba eduze kwalo mshini ozoshintshayo.
Futhi akubanga abalandeli bodwa abahlabeke umxhwele ngale moto njengoba nozakwabo besale bengakholwa.
UGaston Sirino, onguzakwabo kwiKaizer Chiefs, akakwazanga ukufihla ukumangala kwakhe, ephawula sakudlala ethi: “Okusho unemali eningi.”
Akekho ke ongamsola lo mfana uma ekhethe ukuzijabulisa ngaleli thoyizi elibizayo. Phela iGolf R-Line akuyona imoto ejwayelekile.
Le moto kuthiwa kuyithathwa imizuzwana nje engu-4.8 ukuthi isuke ku-0 iye ku-100 wamakhilomitha ngehora.
Lokhu kuyenza ibe ngenye yezimoto ezinamandla nezishesha kakhulu emigwaqweni yakuleli.
UMcCarthy uphinde wathega noVolkswagen South Afrika kule phosti yakhe.
Lokhu kuqubule ukuqagela ngokuthi kungenzeka unobudlelwano bokusebenzisana nale nkampani eyakha izimoto ezidumile kuleli.
Nokho akucaci ukuthi lena uzithengele yena noma noma uxhasiwe yini ngayo ngenhloso yokuthi ayimakethe njengomdlali odumile odlala eqenjini elidumile.
UMcCarthy, oyindodana kaFabian McCarthy naye owayedlala kwiKaizer Chiefs, unabalandeli abangaphezu kuka-35 000 ku-Intsagram.
Abanye abadlali abafana no-Inacio Miguel, uJamie Webber, noGape Moralo nabo bamvumile lo mfana ngalo mshini wakhe.
Kungakhathaliseki ukuthi isipho, i-collab, noma ubumnandi kuye, into eyodwa eqinisekile: U-Aden McCarthy uphila ngokushesha — ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
