EzintshaMamelodi Sundowns

ULebo Maboe nesizathu esenza ahoxe kwiDowns

ULebohang Maboe, oneminyaka engu-29 ubudala, ucele iSundowns ukuthi imbolekise kwelinye iqembu ngoJanuwari, wagcina ephelele kwiSuperSport United.

Uthi ukujabulele ukuthola isikhathi esiningi sokudlala kuMatsatsanta a Pitori, waveza ukuthi ubekukumbula ukuba senkundleni.

KwiSundowns, uLebohang Maboe ubengasitholi isikhathi sokudlala njalo, futhi lokhu kumenze wathuthela kwenye indawo ngethemba lokubuyisa ifomu yakhe. 

Wayengomunye wabadlali abahamba phambili eqenjini lakhe elidala, iMaritzburg United (manje esiyiDurban City) futhi waheha amehlo eSundowns. 

Ujoyine lezi ziqhwaga zeChloorkop ngo-2018 futhi usenqobe izicoco eziningi nazo, kodwa ukweqiwa yijezi njalo kumasizini ambalwa edlule bekumkhathaza.

“Kuyaxaka lokhu, kodwa ngijabule njengamanje futhi ngiyakujabulela ukudlala ibhola,” usho kanje kwabeSoccer Laduuma

“Kunezinto ongeke ukwazi ukuzithengwa ngisho sewuthanda. Umuzwa wokudlala ibhola ngenye yalezo zinto.

“Awukwazi ukuwuthenga lowo muzwa futhi awukwazi ukuvala isikhala sawo nganoma yini enye,” kwengeza uMaboe.

“Uwuthola uma udlala kuphela futhi kumele ube senkundleni udlale ukuze uwuzwe kahle.” 

UMaboe uphinde waveza ukuthi ufuna ukubuyela eSundowns lapho enebhizinisi elingakaqedi. 

Uthi ufuna ukulandela ezinyathelweni zabadlali abafana noThemba Zwane noPercy Tau, ababolekiswa yiSundowns, babuya sebevutha bhe.

Laba badlali babuya sebezoba ngabadlali abawumgogodla weqembu futhi abadlala yonke imidlalo kwiSundowns.

Naye-ke uMaboe uyazethemba ukuthi uzokwenza kanjalo uma esebuyela kwiSundowns ngesizini ezayo.

“Impela ababaningi abadlali abakwazile ukukwenza lokho (ukubuya bangene eqenjini eliqala imidlalo),” kuvuma yena.

“Kodwa ngethalente enginalo, ngiyazethemba ukuthi ngingangena ohlwini lwabakwenzile.

“Angikungabazi lokho ngenxa yaleli tahlente engibusiswe ngalo.”