
Owe-ANC ‘ucikwe’ uMokoena ufuna ahlawuliswe
UNobhala-Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, usecele iSouth African Football Association (Safa) ukuthi ithathele izinyathelo umdlali weBafana Bafana, u-Teboho Mokoena.
Lokhu kuza ngemuva kwamazwi alo mdali ngesikhathi iqembu lamukelwa e-OR Tambo International Airport ngesonto elidlule.
UMokoena, ongumdlali weMamelodi Sundowns, wabonga ngokukhethekile abalandeli be-Economic Freedom Fighters (EFF) ngesikhathi iBafana Bafana ibuya kwiNdebe yoMhlaba.
UMbalula ubhale ku-X eveza ukungajabuli kwakhe, ethi ijezi leBafana Bafana akufanele lisetshenziselwe ukukhuthaza noma yiliphi iqembu lezepolitiki.
“Ngiphoxekile ngoMokoena neSafa. Kumele ajeziswe. Akumele kusetshenziswe ijezi lesizwe ukukhuthaza i-EFF.
“Lokho kumele akwenziwe ngesikhathi sakhe siqu,” kubhala uMbalula.
Uqhubeke wathi lokhu bekuyisenzo esihlelwe kusengaphambili futhi ngamabomu.
Uveze ukuthi u-Teboho Mokoena akazange enze okufanayo ngesikhathi iMamelodi Sundowns iwina iCaf Champions League.
Ngakolunye uhlangothi, umkhulumeli we-EFF uSinawo Thambo uvikele uMokoena, wasola uMbalula ngokungenela kwezemidlalo ngenxa yezepolitiki.
Uthe lo mdlali akufanele asatshiswe. UNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton McKenzie, naye usephawule ngalolu daba.
- FUNDA NALA | AwaseTanzania afuna okhonjwa kwiChiefs
Uzwakale engahambisani nesenzi sika-Teboho Mokoena, egcizelela ukuthi ipolitiki akumele ixutshwe nemisebenzi yeqembu lesizwe.
Kuze kube manje, iSafa ayikakhiphi sitatimende mayelana nesicelo sikaMbalula sokuthi uMokoena athathelwe izinyathelo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
