Caf Champions LeagueEzintsha

Sezigawulwe zabekwa elangeni kwiChampions League

Ukuqhathwa kwabo esigabeni sokuqala somkhumulajezi kulo mqhudelwano kubanike amaqembu anganqobeka.

Bobabili bakwazile ukuvika i-Al Ahly eyaziwayo ukuthi idela ngokufika kowamanqamu kulo mqhudelwano.

IPirates beyivele ingeke iqhathwe ne-Al Ahly kwazise bebeseqoqweni elilodwa esigabeni esidlule.

EzikaJose Riveiro yizo ezanqoba uGroup C, zimangaza abaningi ngokuqeda phezulu kune-Al Ahly eyayibhekwe ukunqoba leli qoqo. 

Esigabeni esilandelayo, iBucs izogadulisana neMC Alger yase-Algeria kanti izoqala ekuhambeni. 

ISundowns yona izobhekana neqembu laseTunisia i-Esperance eyake yaqeqeshw angumqeqeshi wayo njengamanje, uMiguel Cardoso. 

Lo mdlalo ungomunye webhekwe kakhulu. Kodwa kokwamandla nefomu yamaqembu njengamanje, iSundowns ibukeka inethuba lokudlula. 

EzikaCardoso zona zizoqala ekhaya emlenzeni wokuqala, bese ziyoqedela umsebenzi eTunisia.

Ziqhathwe kanje kulesi sigaba sokuqala somkhumulajezi:

Al Ahly (Egypt) vs Al Hilal (Sudan) – QF1

Pyramids (Egypt) vs ASFAR (Morocco) – QF2

Mamelodi Sundowns (South Africa) vs Esperance (Tunisia) – QF3

MC Alger (Algeria) vs Orlando Pirates (South Africa) – QF4

Imidlalo yomlenze wokuqala izodlalwa ngo-Ephreli 2. Imilenze yesibili yona ibe ngo-Ephreli 8 no-9.

Lokhu kuqhathwa kukhiphe imidlalo ethemnbisa ukushisa nokushuba impela. 

Amakilabhu aphezulu azolwela ukuzibekela indawo kowandulela owamanqamu.

Kubhekwe ukubona ukuthi likhona yini elizokwazi ukusunduza i-Al Ahly engompetha, noma izoqhubeka nokubusa kulo mqhudelwano.