UMokwena ‘uyakha ngamaqubu eSundowns’ iWydad
- Intatheli yeLISENETHINI
Sebebathathu abadlali bakudala beMamelodi Sundowns okungenzeka bahlangane nomqeqeshi wabo wakudala uRulani Mokwena kwiWydad Athletic.
UMokwena useke waphumela obala ngesifiso sakhe sokuba noPercy Tau eqenjini lakhe elisha uma kwenzeka eshiya kwi-Al Ahly.
I-Wydad kuthiwa isiqaphe ngelokhozi isimo sikaTau nalezi zinkunzi zase-Egypt ngenhloso yokugadla uma kuvela ithuba.
Kuleli sonto uMokwena uphinde waphumela obala ngokuthi usetshele iqembu lakhe ukuthi lizame ukuthola uBongani Zungu.
UZungu ungumdlali okhululekile ngemuva kokushiya iSundowns ekupheleni kwesizini edlule.
Kodwa kukholakala ukuthi okwamanje usazama ukubuyela phesheya kwezilwandle.
“Ngingakhuluma ngoBongani Zungu ngoba okwamanje akanaqembu, maningi amathuba (okuthi simsayine).
“Ngingumlandeli omkhulu kaBongani Zungu, ngicabanga ukuthi wonke umuntu uyakwazi lokho,” kusho uMokwena ekhuluma nabeSAFJA kuleli sonto.
“UBongani Zungu ngiyamthanda njengomuntu ngoba yikho okumenza abe ngumdlali webhola osezingeni eliphezulu.
“Ungumuntu omangalisayo. Kufanele nje sibone ngoba kuhlukile kakhulu kunalokho abantu abakucabangayo kodwa kungenzeka.
“Yinto engingathi siyayicubungula,” kwengeza lo mqeqeshi owake waqeqesha iSundowns.
Futhi manje iWydad ibonakala izihola phambili emjahweni wokuthola uCassius Mailula weToronto FC okubikwa ukuthi izimisele ngokumbolekisa.
Ngokusobala, akhona amanye amaqembu anentshisekelo ngalo mgadli oneminyaka engu-24.
OLUNYE UDABA: UMaluleka ubhobose ithumba ngokushiya kwakhe kwiChiefs
Kodwa ubudlelwano nomlando wokusebenzisa phakathi kukaMokwena nalo mdlali wenza izinto zivune iWydad.