EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza uDoctor Khumalo amethembe uMorris kwiChiefs

Inkakha yeKaizer Chiefs, uDoctor “16V” Khumalo, ufuna anikwe ithuba umgadli omusha waleli qembu, uTashreeq Morris.

 Ngokwemibiko yakamuva, uMorris uzojoyina iChiefs esuka kwiSuperSport United maduze.

Kuvela ukuthi isivumelwano esiphakathi kwalamaqembu sifaka imali nokubolekana ngoChristian Saile.

Umqeqeshi weSuperSport, uGavin Hunt uziqinisekisile lezi zingxoxo, wathi seziphothuliwe.

UMorris, oqale ibhola elikhokhelayo kwiCape Town City useshaye amagoli amabili emidlalweni eyisishiyagalolunye kwiSuperSport United.

Ukusayinwa kwakhe yiChiefs kususe umsindo kanti imiboono yabalandeli ngaye yehlukene phakathi.

Abaningi abamboni uMorris exazulula izinkinga zokushaya amagoli eqenjini njengoba engenalo irekhodi elithembekile.

UKhumalo, nokho, uyasithanda isitayela sokudlala esiqondile sikaMorris.

Unxuse abalandeli ukuthi bangahluleli lo mgadli engakanikwa ithuba.

“Ngikholwa wukuthi akumele simgxeke, kumele simnike ithuba,” kusho uKhumalo kwiSoccerzone kuleli sonto.

UKhumalo wenze isibonelo sokuthi izimbangi zeChiefs, i-Orlando Pirates zamthola kanjani uThalente Mbatha.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ubengaziwa futhi ubengakangeni eqenjini lokuqala kwiSuperSport.

IPirates yabe seyimboleka ngenhloso yokumhlola futhi imthenge uma yeneliseka ngaye. 

Manje uMbatha usengomunye wezethenjwa eqenjini likaJose Riveiro futhi usengumdlali weBafana Bafana. 

“Angase asimangaze ngoba baningi abadlali abakwamanye amaqembu abafika ngesimo esifanayo.

“Bheka nje uMbatha kwiPirates. Usuke kwiSuperSport waya kwiPirates futhi nangu useqenjini lesizwe manje.

“Ngakho-ke, uMorris, ngiyamthanda ngoba ungumgadli oqondile, wenza izinto zibe lula.

“Akathandi ukwenza izinto eziningi ezingenasidingo futhi kuphela uma bengamnika abantu abazomphasela kahle nje.

“Ngoba uma ungenabo labo bantu abazomphasela amabhola amahle, kusho ukuthi ayikho into athengelwe yona.”