EzintshaNedbank Cup

Zithini ngamathikithi oweNedbank Cup? I-PSL iyacacisa

Ekuqaleni kwaleli sonto kugcwale imibiko ezinkundleni zokuxhumana ethi amathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup azoqala ukudayisa kuleli sonto.

Nokho i-PSL iyichithile yonke leyo mibiko, yathi ingamampunge nje asatshalaliswa ngabantu abaziphathelwe yisizungu. 

Kube nemibiko esabalele ezinkundleni zokuxhumana eqale yaveza ukuthi amathikithi azodayiswa ngoLwesithathu ntambama.

Abantu bagcwale izitolo zeTicketpro ezweni lonke befuna ukuba ngabokuqala ukuthola lamathikithi okulindeleke ukuthi adayiswe aphele ngokushesha.

Lo mdlalo wamanqamu, ozokuba ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini usulindelwe ngabomvu futhi cishe bonke abalandeli bafuna ukuba yingxenye yawo. 

IKaizer Chiefs izosingatha izimbangi zayo ezindala nezendabuko i-Orlando Pirates kulo mdlalo osudonse isasasa elikhulu kubalandeli. 

ILisenethini ingakuqinisekisa ukuthi izitolo ezimbalwa zakwaSpar ezweni lonke bezigcwele abalandeli abebefole kolayini becuthele lamathikithi ngoLwesithathu. 

Kodwa-ke kubuye kwavela imibiko yokuthi amathikithi azodayiswa ngoLwesine ekuseni kanti iPSL ikuchithile nalokho. 

Ithumele isitatimende esifushane semidiya esinesithombe somunye wale mibiko wokuthengiswa kwamathikithi, yaka uphawu olubomvu oluthi ‘Fake News’. 

Lokhu bekuqonde ukuveza ukuthi lokhu okubhalwe kulowo mbiko ngamampunge nje.

“Sicela niqaphele ukuthi imibiko eyenziwa ezinkundleni zokuxhumana mayelana namathikithi omdlalo wamanqamu weNedbank Cup ingamanga.

“Njengokujwayelekile, i-PSL izokhipha isitatimende esisemthethweni ngaphambi kokuthengiswa kwamathikithi,” kusho i-PSL esitatimendeni.

Kusukela kwaqokwa inkundla okuzodlalelwa kuyo lo mdlalo, abalandeli bamagange ukuthola amathikithi. 

Banokwesabela ukuthi azodayisa amahora ambalwa bese eyaphela, bese bezithola besele ngaphandle kwale ndumezulu yomdlalo.