EzintshaKaizer Chiefs

Iconsa amathe iKaizer Chiefs ngoweDowns ‘ongahlalisekile’

Leli qembu lisesimweni esifanayo ngomdlali weMamelodi Sundowns okuthiwa abaphathi balala bengalele becabanga indlela abangamthola ngayo. 

Kuthiwa ungomunye wabadlali iKaizer Chiefs efuna ukuqinisa ngabo ngoba bawuhlobo umqeqeshi uNasreddine Nabi athe uyaludinga. 

Nokho okwamanje basamhalela ekude ngoba kuvela ukuthi lo mdlali – okunguSiphelele Mkhulisi – usasezingxoxweni neSundowns ngenkontileka entsha. 

Kuvela ukuthi inkontileka anayo njengamanje iyaphela ngoJuni kodwa usanethemba lokuthi uzogcinwa kuleli qembu laseChloorkop. 

UMkhulise, oneminyaka engu-29, unombandela wokwelula ngonyaka owodwa uma bevumelana neSundowns.

Yingakho iKaizer Chiefs ingeke njengamanje ikwazi ukumshela udede yize esesezinyangeni zokugcina zenkontileka. 

Ngokubika kwePhakaaathi, izingxoxo zithatha isikhathi eside ngoba kunokungavumelani ngemihlomulo nemiholo. 

“Okubambezelayo wukuthi akuvunyelwana ngokuthi kuzoba yinkontileka yesikhathi esingakanani nemihlomulo. 

“Ngemuva kokuthi bembekele abafisa ukumnika khona, wabuya nokwakhe akufisayo kanti ikilabhu isakucubungula lokho,” kuchashunwe umthombo usho kanje. 

Lo mthombo uveze nokuthi lesi sifiso seKaizer Chiefs ngoMkhulise naso kungenzeka sinomthelela ekubambezelekeni kwezingxoxo. 

“ISundowns ayifuni uSphelele akhulume nezibangi, kodwa khona lapho abafuni ukugcina umdlali ongeneme eqenjni. 

“USphelele akeneme ngokungalitholi ijezi kwiSundowns futhi ufuna ukuqinisekiswa ukuthi uzodlala imidlalo emingaki ngesizini.

“Kodwa konke lokho kuncike ezinhlelweni zikamqeqeshi uMiguel Cardoso ngakho ngeke kuthuse uma uSphelele egcina ngokushiya kwiSundowns.” 

UMkhulise uphume enkulisa yeSundowns futhi wakhushulelwa eqenjini elikhulu ekuqaleni kwesizini ka-2018/19.