
Okusha ngezingxoxo zeKaizer Chiefs nesihlabani saseTanzania
Kuvela ukuthi iKaizer Chiefs isezingxoxweni esezithuthukile zokusayina umdlali waseTanzania uFeisal Salum we-Azam FC.
Lo mdlali wasesiswini ufunwa uthuli yilezi ziqhwaga zaseSoweto, kanti izingxoxo sezingene esigabeni esibalulekile, ngokwemibiko eqhamuka eTanzania.
Njengamanje imenenja kaSalum kuthiwa iseTanzania, la ibambe khona imihlangano ebalulekile nomqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi nenhloli yaleli qembu uThembela Maliwa.
Lezi zingxoxo kuthiwa zigxile ezintweni ezifunwa yilo mdlali, nombono uNabi anawo ngalo mdlali eqenjini alibumba kabusha eNaturena.
Nokho kuvela ukuthi okwamanje iKaizer Chiefs ayikasifaki isicelo esisemthethweni sokudayiselwa lo mdlali kwi-Azam FC.
Kodwa-ke, imithombo esondelene nalesi simo iveza ukuthi isicelo esisemthethweni sesiseduze.
Kuthiwa kulindwe ukuthi kuphothulwe izingxoxo phakathi kwekhempu kaSalum neyeChiefs.
Isinyathelo esilandelayo sizobandakanya izikhulu eziphethe uukudayiswa nokusayinwa kwabadlali kwi-Azam FC, okungaba uHaashim Ibwe noma uThabit Zacharia.
USalum oneminyaka engu-26 ubudala uzakhele igama eTanzania uthathwa njengomunye wabadlali basesiswini abanesiphiwo sobuchwepheshe esihle kwiligi enkulu yakuleli zwe.
Phambilini uke waheha amakilabhu aphesheya kwezilwandle, kodwa iKaizer Chiefs ibukeka kuyiyo ehamba phambili embangweni wokumsayina njengamanje.
Kuthiwa ukuthi icijwa nguNabi yinto eyenza abe nothando lo mdlali lokuzodlala ngaphansi kwakhe eNingizimu Afrika.
Ukufika kukaSalum kungase kubonakale njengesitatimende esikhulu esiveza izinhloso zeChiefs, efisa ukubuyela ezinsukwini zayo zakudala zokunqoba kwasani.
UNabi useqalile ukuhlonza izindawo ezibalulekile ezidinga ukuqiniswa, kanti ubuhlakani bukaSalum kumenza umdlali ofanelekayo kulento azama ukuyakha.
Wonke amehlo manje azobe eseNaturaenna ezinsukwini ezizayo ukubona ukuthi iGlamour Boys iyamthola yini lo mdlali.
Khonamanjalo, ngesikhathi uSalum eseNingizimu Afrika neqembu lesizwe laseTanzania ngesonto eledlule, ubonakale egqoke imvunulo yeKaizer Chiefs.
Lokhu kubonakale njengophawu lokuthi uzimisele ngokujoyina le kilabhu enabalandeli ukuwedlula wonke eNingizimu Afrika.
