
Niang: UPitso wangivimba sengibheke kwi-Orlando Pirates
Owayengumgadli wePSL uMame Niang useveze indlela uPitso Mosimane ‘amntshontsha’ ngayo emvimba esebheke kwi-Orlando Pirates.
Lolu nkonko lo mgadli lwagcina lusayine kwiMamelodi Sundowns eyayicijwa uyena uMosimane ngaleso sikhathi.
Lo mgadli waseSenegal ubengomunye wabadlali abasatshwayp kwiligi ngesikhathi esadlala.
Kodwa bambalwa abazi ukuthi uMame Niang wake wasondela kangakanani ekujoyineni i-Orlando Pirates.
UKUGEJA KWEPIRATES
UNiang ukuqinisekisile ukuthi umqeqeshi wePirates ngaleso sikhathi uRoger de Sa wayesemnqobile njengoba ayemshela ukuba azomjoyina.
Nokho, ngesikhathi uPitso Mosimane ebamba umoya walokho, wabe esegxuma wama endleleni, wamkhomba eChloorkop lo mgadli.
“Lapho uPitso ezwa ngalokho, wagxuma ngokushesha futhi wenza yonke imizamo ukungisayina,” kukhumbula uNiang.
“Wangiyenga. Wangitshela ukuthi iSundowns ikhokha kangcono futhi yiyo ezowina iligi.”
Ukuphishekela kwafinyelele kuvuthwandaba emcimbini wama-PSL Awards ekupheleni kwaleyo sizini.
Ngesikhathi uNiang ephuma esiteji ephethe indondo yakhe yokushaya amagoli amaningi, akahlangatshezwanga abalandeli.
Kepha kwaba yizikhulu zeSundowns eziphethe inkontileka econsisa amathe esandleni.
Bamsayinisa khona lapho, qede bathwebula isithombe, base besishicilela ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana.
UMame Niang ukholwa ukuthi lokhu babekwenzela ukuchomela i-Orlando Pirates ukuthi sebemthole kuqala.
INDLELA YOKWENZA KAPITSO
Ukuthuthela kukaNiang eChloorkop kwavula amehlo mayelana nezinga lobungcweti uMosimane ayelitshale kule kilabhu.
Uchaze ukusetshenziswa kobuchwepheshe obuphezulu, nokunikwa kwabadlali igunya lokuzihlaziyela imidlalo:
- Idatha yomdlali ngamunye: Wonke umdlali wayenikwa i-iPad eneziqeshana zamavidiyo embangi azobhekana nayo emdlalweni olandelayo.
- Umsebenzi wasekhaya: “Kwakufanele uhlaziye, ubuye, bese ubonisa uPitso ukuthi uzoyihlula kanjani imbangi ezobe ikugadile,” kuchaza uNiang.
IZINDODLA ZAMABHONASI
Mhlawumbe okwammangaza kakhulu uNIang efika kwiSundowns kwaba amabhonasi okunqoba.
UNiang ugqamise igebe elikhulu lemali phakathi kwamaBrazilians namanye amaqembu ePSL.
Abadlali babethola u-R10 000 ngokunqoba. Lokhu kusho ukuthi ukunqoba imidlalo emithathu ngenyanga kwakwenza umdlali abe no-R30 000 owengeziwe.
FUNDA NALA | Ukhumbule ekhaya kuqibuka impi eMiddle East
UNiang uphawule ukuthi amaholo anyanga zonke abanye abadlali emaqenjini amancane ayelingana nebhonasi ababeyithola eChloorkop.
Le ndaba kaMame Niang ikhombisa ukuthi kungani iSundowns ibe namandla amakhulu ayenze yaba nale mpumelelo esenayo nanamuhla.
