
Lisha amashushu elaphesheya ngonozinti welePSL
- Intatheli yeLISENETHINI
Kubukeka kuzodigeka livele lilugobe uphondo iqembu lePremier Soccer League (PSL), lamukele isicelo seqembu laphesheya elifuna unozinti walo.
Kuvela ukuthi kuneqembu laseBelgium elisha amashushu ngonozinti weChippa United, uStanley Nwabali.
Osekubambezele, ngokubika kwabeSoccer Laduuma, yimali leli qembu eliyibeka etafuleni okukholakala ukuthi incane kunalokhu okubhekwe yiChippa.
Kubikwa ukuthi iRoyale Union Saint-Gilloise iyona efuna lo nozinti waseNigeria njengoba kungayihambeli kahle, ishoda ngonozinti onamava.
Ngokwalo mbiko, leli qembu selivele lilubikile usizi lwalo kwiChippa, sekusele ukuthi ivume noma inqabe.
“Le kilabhu yaseBelgium isisifakile isiceo sokudayiselwa lo mdlali,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Uyazi ke ukuthi iChippa yagcina ithe ifuna u-R40 million ngaye futhi njengamanje asinasiqiniseko ukuthi iRoyale Union ibeke malini etafuleni.
“Imfuna ngampela unozinti ngewindi likaJanwari. Abenzi kahle kwiligi futhi baveze isifiso sokuqinisa ngaye ngokushesha.
“Sekusele ukuthi iChippa iyasamukela yini isicelo esibekwe phambi kwayo. Kodwa bona bayamdinga ngampela,” kwengeza lo mthombo.
UNwabali uke wamataniswa neKaizer Chiefs, kodwa leli qembu laseSoweto laqoka ukusayina uFiacre Ntwari obekwiTS Galaxy.
