EzintshaNedbank Cup

Ikhiphe amagama aqinile i-PSL iphoqeka ukuhlehlisa umdlalo

Umdlalo wama-quarterfinals obuzoba phakathi kweMamelodi Sundowns neSekhukhune United uhlehliswe ngenxa yombango wenkundla obuzodlalelwakuyo.

Umdlalo ubuhlelelwe uMgqibelo ebusuku eLucas Moripe Stadium. 

Kodwa-ke, le nkundla iphinde yabhukhelwa umdlalo wokuhlungela iFifa Under-17 Women’s World Cup ozodlalwa ngawo uMgqibelo ngo-3 ntambama.

Esitatimendeni esinamagama aqinile esikhishwe ngoLwesihlanu ebusuku, i-PSL izwakalise ukuphoxeka ngalokhu. 

Ithe beyinesivumelwabo nabaphathi bale nkundla futhi konke bese kusayiniwe ngesikhathi izwa ngosizwile ukuthi sekunomunye umdlalo futhi. 

Ibe seyizama ukuthola ubuqiniso balokhu, nokucaciseleka kodwa yagcina ingayitholanga impendulo, nokuphhoqe ukuthi ihlehlise owayo umdlalo. 

Ukusingatha imidlalo emibili endaweni eyodwa emahoreni ambalwa kudale ukukhathazeka ngokuhleleka nokuphepha. 

Imithetho ye-PSL kanye nemithetho yeNedbank Cup ayikuvumeli ukungqubuzana okunjalo.

“Zonke izinhlelo zokuphepha, okuhlanganisa ukubandakanyeka kwe-SAPS nezinyathelo zokuphepha komcimbi, zasetshenziswa ngokusekelwe esivumelwaneni sokuqala,” kusho i-PSL.

I-PSL iqhube yathi izoluphenya ngokugcwele lolu daba njengoba izizwa iphatheke kabi ngalolu daba.

“I-League izoluphenya ngokugcwele lolu daba ukuze ithole ukuthi lesi simo sivele kanjani.  

“Ngeshwa, ngaphansi kwalezi zimo iLeague ishiywe ingenayo enye indlela ngaphandle kokukhansela isivumelwano senkundla nokuhlehlisa umdlalo.” 

I-PSL ibe seyixolisa kubalandeli banaxhasi bayo ngalesi sixakaxaka esingesesibili ukuphazamisa imidlalo yeNedbank Cup. 

“I-League izobhekana ngokuzibophezela nokuhlelwa kabusha komdlalo ngokuhambisana nomthetho kanye ne-League Compliance Manual futhi umphakathi uzokwaziswa.   

“Bonke abalandeli abathenge amathikithi omdlalo bayanxuswa ukuthi bawagcine ephephile ukuze asetshenziswe ngedethi ehlelwe kabusha, ezomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.”