
UNcikazi usakuthokozela ukuncela kuRiveiro
- Alfred NGUBANE
UMandla Ncikazi, oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uthi ukujabulele ukuba yingxenye yohlelo lukaJose Riveiro kuleli qembu.
UNcikazi usekunyaka wakhe wesihlanu ekwiPirates njengoba ayijoyina eyiphini likaJosef Zinnbauer eminyakeni emihlanu edlule.
Wayekade esuka kwiGolden Arrows la ayengumqeqeshi khona, futhi enza umsebenzi oncomekayo.
Uke waba ngumqeqeshi kwiPirates ngokubambisana noFadlu Davids, kodwa izinto azangabahambela kahle kwaze kwalandwa uRiveiro.
Ubukeka esebenzisana kahle noRiveiro futhi uma ekhuluma kwabezindaba akakhukhohlwa ukusho ukuthi uyafunda kulo mqeqeshi waseSpain.
“Ngiyazi lokhu ngeke kuzwakale kahle kwabanye,” kusho uNcikazi kwiLisenethini ngoLwesine.
Ubekhuluma ngemuva kwesithangami nabezindaba la bebekhuluma ngomdlalo wamanqamu weMTN8 oseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
“Ngaphambilini bengiyinhloko yabaqeqeshi kwiGolden Arrows kodwa manje sengikhule kakhulu kulesi sikhundla engikuso sokuba yiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates.”
Ngaphambi kokuqala kwwsizini edlule, uNcikazi uke washelwa yiRichards Bay kodwa wenqaba njengoba ebesafuna ukuncela ulwazi kuRiveiro.
Ukubuyela emdlalweni, uNcikazi uthe uyazi abantu abaningi babheke ukuthi iPirates izozidlulela kalula kulo mdlalo.
Izobhekana neStellenbosch FC kulo mdlalo obhekwe ngabomvu njengoba amathikithi awo ephele ngamahora amathathu eqale ukudayisa.
Uthe kunabadlali abasha kwiPirates abangakaze badlale owamanqamu ngakho kumele bacophelele indlela abaya ngayo kulo mdlalo.
