
Liphele kabuhlungu iphupho leBafana ‘izidayisa’ kwiCanada
I-Bafana Bafana izigwaze ngiwayo ngesikhathi liphela kabuhlungu iphupho layo kwiNdebe yoMhlaba ihlulwa ngo 1-0 yiCanada emdlalweni weRound of 32 ngeSonto ebusuku.
Iqembu likaHugo Broos lidlale ibhola elihehayo futhi laba ngcono ezikhathini eziningi zalo mdlalo.
Nokho, lihlulekile ukusebenzisa amathuba eliwatholile, kwagcina lokho kulilimaze kakhulu.
IBafana ibiphethe umdlalo futhi ikwazi ukufinyelela ezindaweni eziyingozi, kodwa ibiphelelwa amcebo uma isifika phambi kwepali.
Ngakolunye uhlangothi, iCanada ibeke ibikhomba ukuzimisela ngokunqoba futhi ihlasela ngokushesha.
Umdlalo ushintshe ngesikhathi uBroos ekhipha uRelebohile Mofokeng sekuyiwa esiwombeni sesibili, uThalente Mbatha endaweni yakhe.
Lolu shintsho lwenze iCanada yabuyela emdlalweni futhi yaqala ukubukeka iyingozi kakhulu.
Kuthe sekusele imizuzu embalwa kuphele umdlalo, uStephen Eustaquio washaya igoli eliwine umdlalo, wathumela iqembu lakhe kuRound of 16.
Yize i-Bafana Bafana ikhishwe kabuhlungu, ishiye uphawu olukhulu kulo mqhudelwano.
- FUNDA NALA | Ufunwa elaseCzechia uMaseko weBafana
Iqophe umlando ngokufinyelela okokuqala ngqa esigabeni somkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba.
Iphinde yazuza ukuhlonishwa emhlabeni wonke ngemidlalo yayo emihle nangesibindi esikhonjiswe abadlali.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
