
Kuvela okuxhile iChippa yadikila u-Erasmus
Umqeqeshi weChippa United, uThabo September, useveze ukuthi kungani leli qembu ligcine lingakwazanga ukusayina uKermit Erasmus.
Izingxoxo zenkontileka nalo mgadli zivele zafika kwangqingetshe esithubeni, okwenze kugcine kuhlukwana kungasavunyelwananga.
U-Erasmus, obesevele eqalile ukuziqeqesha neChippa, ushiyile ngemuva kokuhluleka ukuvumelana neqembu.
Ekhuluma ngemuva kokudlala ngokulingana kweChippa ngo 2-2 neMarumo Gallants ngempelasonto, uSeptember uzwakalise ukuphoxeka kwakhe.
“Ubeziqeqesha nathi, kodwa akuzange kuphethe kahle. Kusobala ukuthi besifuna ukumsayinisa.
“Kodwa kube khona izinto (abezifuna) ikilabhu engakwazi ukuvumelana nazo,” usho kanje kwabeDispatch Live.
Lo mqeqeshi uvumile ukuthi ubemagange ukwengeza ngo-Erasmus eqenjini lakhe ukuze aqinise phambili.
Njengoba eneminyaka engu-34, u-Erasmus ubeza nolwazi namava, kwazise udlale kumakilabhu aphezulu njenge-Orlando Pirates neMamrlodi Sundowns.
Nokho ulokhu engenaqembu kusukela ashiya kwiPirates ekupheleni kwesizini edlule.
Naphezu kwe-CV yakhe encomekayo, okuhlanganisa nokudlala kwiStade Rennais eFrance nakwiCape Town City, u-Erasmus namanje akanaqembu.
Amakilabhu amaningi aqinisa amaqembu ukulungiselela umzuliswano wesibili wesizini, kodwa u-Erasmus akakalitholi iqembu elisha.
IChippa, elwela ukuvika izembe kwiBetway Premiership, ibiludinga ulwazi namava akhe.
USeptember usenethemba, kodwa okwamanje ugxile ekuthuthukiseni iqembu lakhe.
U-Erasmus engajoyina noma yiliphi iqembu, noma yinini njengoba engenankontileka ndawo nje.
