EzintshaOrlando Pirates

Kuvela okusha ngesimo sikaMonnapule Saleng kwiPirates

Lo mdlali wasesiswini weBafana Bafana usehlale cishe izinyanga ezintathu engekho eqenjini.

Lokhu kuqubule ukuqagela okukhulu ngesimo nangekusasa lakhe kuleli qembu laseSoweto. 

Imibiko yakamuva iveza ukuthi lesi simo sisukela ekubhuntsheni kwezingxoxo zokuya kodlala eqenjini langaphandle.

UMonnapule Saleng ugcine ukudlala kwiPirates ngoDisemba 7 ngesikhathi idlala ngokulingana ne-Al Ahly emdlalweni weCaf Champions League. 

Yize enezinkinga eqenjini, kodwa unikezwe imvume yokuyodlala kwiBafana emidlalweni yokuhlungela iChan ne-Egypt. 

Ubekhona iBafana idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Egypt eBloemfontein ngempelasonto kanti manje uselungiselela umdlalo womlenze wesibili eCairo ngoMashi 9.

Njengoba inkontileka yakhe izophela ngoJuni 2025, iPirates kuthiwa isisebenzise umbandela wayo wokuyelula ngeminyaka emibili. 

Lokhu kusho ukuthi uSaleng uzohlala naleli qembu laseSoweto kuze kube ngu-2027. 

Uma efuna ukushiya, iqembu elimfunayo kuzomele lixoxe futhi livumelane nePirates ngokumthenga. 

Ikusasa likaMonnapule Saleng kwiPirates alikaqiniseki, njengoba inkampani ephethe izindaba zakhe iveze ukuthi udaba lwakhe kusaxoxiswana ngalo. 

Bagcizelela ukuthi uMonnapule Saleng lolu daba ulusingatha ngokulandela imigudu nemithethi efanele. 

Njengoba isimo sakhe sisadida unwabu, iqembu lona lidonsa kanzima futhi abalandeli sebevele bakhalile ngokuthi abuyiswe azosiza. 

IPirates, ehlulwe ngendlela ebingalindelekile futhi eyehlisa isithunzi yiMarumo Gallants ngempelasonto edlule, ibuyela enkundleni ngoLwesithathu.

Izovakashela iChippa United yase-Eastern Cape la ifuna khona ukushintsha isimo ibuyele ekunqobeni ukuze ingadedeli iMamelodi Sundowns yelule igebe.

Njengamanje lezi ziqhwaga zasePitoli zihamba phambili ngamaphuzu angu-18 kwilogi yeBetway Premiership.

Kubukeka sengathi izofinyelela kahle nje esicocweni sayo sesishiyagalombili kulandelana njengoba iPirates idonsa kanzima.