EzintshaOrlando Pirates

OwePirates uphawula ngoMofokeng ‘ofunwa’ yiBarcelona

Umqeqeshi weqembu leDStv Diski Challenge kwi–Orlando Pirates, uJoseph Makhanya, usephawule ngemibiko ematanisa uRelebohile Mofokeng nezinkunzi zase-Europe.

Sekuvele imibiko eveza ukuthi izinkunzi zaseSpain, iBarcelona neRangers yaseScotland banentshisekelo ngalo mgadli wePirates.

UMakhaya uqeqeshe uMofokeng kwiDDC ngaphambi kokuthi akhushulelwe eqenjini elikhulu.

Uthi angathanda ukubona lo mgadli osemncane weBafana Bafana efeza iphupho lakhe lokudlala e-Europe, kodwa wengeza ngokuthi isinqumo silele kwiPirates.

“Engingakusho ukuthi akukaze kube khona isikhathi sokusho ukuthi umuntu usekulungele noma cha ukuthuthela e-Europe. 

“Kumele kwenzeke ukuze sibone ukuthi sebelungile yini,” kusho uMakhanya kwiFARPost.

“Kodwa ngicabanga ukuthi iqembu lizothatha isinqumo esifanele ngoba yilokho esifisa ukukubona njengabaqeqeshi abathuthukisa abadlali.

“Sifuna ukumbona (uMofokeng) ephumelela futhi efeza amaphupho akhe okudlala phesheya, okuyinto esingazange siyenze ngesikhathi sidlala. 

“Manje ngifuna umdlali engimqeqeshile ukuthi adlalele iqembu elikhulu njengeBarcelona, mhlawumbe iRangers yaseScotland njengoba kusho amahlebezi.

“Kodwa naseqenjini (iPirates), kufanele leneliseke ngokwebhizinisi. 

“Umnyakazo kufanele uqinisekise ukuthi umdlali uyathuthuka, futhi uma umdlali eqhubeka, kusho ukuthi isizwe siyazuza.”

UMakhanya wengeze ngokuthi ukuba nabadlali abaningi abadlala phesheya kuzosiza iqembu lesizwe.

“Sike sabona abadlali abafana noBenni McCarthy, usedlulele ezingeni eliphezulu, nokuyinto esiyifunayo kubadlali bethu. 

“Nginomuzwa wokuthi uma likhona ithuba lokuthi umnyakazo wenzeke ekuqaleni, kungani kungenjalo? 

“Sifisa ukubona abafana bedlala phesheya kwezilwandle ukuze sikwazi ukuqhudelana nabahamba phambili emhlabeni,” kuphawula uMakhanya.