EzintshaKaizer Chiefs

UWandile Duba uthi ‘nothi ngasho’ ngeChiefs kwisizini ezayo

UWandile Duba, owabikezela kahle ukunqoba kweKaizer Chiefs iNedbank Cup, ukhulume ngaphambi kokuthi iqembu lindizele eNetherlands.

Njengamanje Amakhosi aseNetherlands lapho enekhempu khona yokulungiselela isizini ezayo. 

Azophinde badlale imidlalo yobungani embalwa namaqembu akhona eNetherlands ukuze azihlole ukuthi asekuliphi izinga lokulungela inselelo yesizini entsha. 

“Ukubuya (ekhefini langemuva okuphela kwesizini) kuyamangaza. Ngijabule kakhulu ngesizini entsha,” kusho uWandile Duba kwiSowetan. 

“Kuyinto enhle ukuphumela ngaphandle futhi sibe namalungiselelo esizini khona. 

“Ngethemba ukuthi amaqembu esizodlala nawo aqine ngokwanele ukusilungiselela kahle.”

IChiefs isuke eNingizimu Afrika ngoLwesine ebusuku, ilibangise e-Apeldoorn, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angama-80 empumalanga ye-Amsterdam.

Yilapho abazochitha khona amasonto amathathu alandelayo ezilolonga ngaphambi kokuthi kuqale umkhankaso omusha.

Lezi ziqhwaga zaseSoweto zihlele imidlalo yobungani emihlanu namaqembu adlala ezigabeni ezikhokhelayo kuleliya zwe. 

Emdlalweni wokuqala azobhekana ne-SBV Vitesse Arnhem ngoLwesibili eDriel, kulandele oweFC Utrecht ezinsukwini ezintathu ukusuka lapho. 

IChiefs izobe seyibhekana neNEC Nijmegen ngoJulayi 12, iPEC Zwolle ngoJulayi 15, bese ivala uhambo lwayo lwase-Europe neFC Twente e-Enschede.

Phakathi kweqembu elihambile kukhona abadlali abasha u-Ethan Chislett, uFlavio Silva, uThabiso Monyane noNkanyiso Shinga.

Bonke bazobe bemagange ukujabulisa umqeqeshi uNasreddine Nabi futhi bazibekisele izindawo zabo eqenjini lakhe.

Khonamanjalo, umdlali wasesiswini uGeorge Matlou yena welulelwe inkontileka ngonyaka owodwa. 

Isinqumo sithathwe kusenesikhathi ukuthi naye abe khona kulolu hambo lokuyolungiselela kahle isizini. Inkontileka yakhe yokuqala ibiphele ngoMsombuluko.

IKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi ibuyele eNingizimu Afrika ngoJulayi 19, kanti abalandeli sebevele bamagange ngezokwenza ngesizini ezayo.

Ekubuyeni kwayo, izodlala neziqhwaga zaseGhana, i-Asante Kotoko kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoJulayi 26.