EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs icijise izindlebe ngoTau ‘ozohlukana’ ne-Al Ahly

Kubikwa ukuthi i-Al Ahly noPercy Tau sebevuelene ngokunqamula inkontileka yalo mdlali. 

Ngokusho kukamethuli wezinhelo kwiSuperSport TV obuye abe yintatheli, uKarabo Phasha, uTau uzothola isinxephezelo esihle. 

Ikusasa likaTau kwi-Al Ahly bese kunezinyanga lingaqinisekisiwe futhi kuqagelwa ngalo. 

Izingxoxo mayelana nokwelulwa kwenkontileka zibhuntshile naphezu kokudlala kahle kwalesi sihlabani seBafana Bafana. 

UTau ushaye amagoli angu-17 emidlalweni engu-42 ngesizini ka-2022/23.

Le fomu ekuqaleni ivuse intshisekelo emaqenjini aphesheya kanti ne-Al Ahly beyibukeka izomgixabeza ngenkontileka enkulu. 

Lesi sivumelwano besizokwenza uTau abe ngumdlali ohola kakhulu kunabo bonke e-Afrika, ehola u-R23 million ngonyaka.

Kodwa-ke, i-Al Ahly ibuye yabuyekeza isimo, yaqhamuka nemigomo yenkontileka engazange yamukelwe ekhempini kaTau. 

Lesi sinqumo kubikwa ukuthi siholele ekutheni ikilabhu ibheke ukumthengisa noma ukumkhulula uTau ukuze isayine omunye umdlali wangaphandle.

UTau, oshaye amagoli ayisithupha ekuqaleni kwale sizini, uthwale kanzima ukugcina ifomu yakhe. 

Lokhu kungenzeka kube nomthelela esinqumweni se-Al Ahly sokuhlukana naye.

IKaizer Chiefs, osekunesikhathi eside imataniswa nalo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, kubikwa ukuthi seyisiqaphe ngelokhozi isimo sakhe. 

Njengoba uTau esezoba ngumdlali wamahhala ngokusemthethweni, ukuqagela mayelana nekusasa lakhe kuzoqina.

“Sengithole ukuthi i-Al Ahly noPercy Tau bavumelene ngokunqamula inkontileka yakhe.

“I-Ahly izokhokhela uTau ingxenye esele yenkontileka yakhe futhi yengeze nangesinxephezelo,” ubhale kanje uPhasha kwi-X.