EzintshaOrlando Pirates

Kungani uRiveiro ‘efihla’ akutshele abadlali beshaya iChiefs

I-Orlando Pirates iqale ngegiya eliphansi, okuyinto uJose Riveiro ngokwakhe ayivumile, kodwa yaba ngcono njengoba lo mdlalo obuseFNB Stadium uqhubeka.

Kodwa kube wumdlalo wayo wesiwombe sesibili ohlabe umxhwele, la iPirates idlale ngokhululeka nangendlela eyijwayele. 

Kungesiwombe sesibili la abadlali abafana noRele Mofokeng, Mohau Nkota ngisho noDeon Hotto beqale khona ukuhlasela bephindelela emapalini eChiefs. 

Kodwa ngabe uJose Riveiro yini le ayitshele iqembu lakhe ngesikhathi sekhefu okubanike ukhiye wokugqobhoza iChiefs?  

“Cha, angikwazi ukukutshela lokho ngoba sizophinde sidlale nabo futhi esikhathini esiyisonto,” yiyona mpendulo kaRiveiro kulowo mbuzo. 

“Njengenjwayelo sizamile ukwenza umsebenzi wethu, ukulungisa izinto nokwenza abadlali babukeke bengcono enkundleni. 

“Umzamo abadlali abawenzile enkundleni ungeqhathaniswe nalutho. 

“Konke ukuncoma kufanele kuye kubo, benze umsebenzi omuhle kakhulu,” kwengeza lo mqeqeshi waseSpain.

IChiefs nePirates bazophinde bahlangane kule mpelasonto komunye umdlalo oseqophelweni eliphezulu.

Bazodlala kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ntambama. 

IPirates izoba inokuzethemba okukhulu iya kulo mdlalo oseThekwini njengoba ihlakaze iChiefs ngempelasonto edlule.

Bayishaye ngo 2-1 ukuze bathole amaphuzu amathathu abalulekile abagcina besemkahweni wesicoco seBetway Premiership.

Kodwa basalandela iMamelodi Sundowns ehamba phambili ngamaphuzu angu-12 nakuba benemidlalo emibili esandleni. 

U-Evidence Makgopa ubuyisele iPirates emdlalweni ngemuva kokuthi uGlody Lilepo ebeke iChiefs phambili ngo 1-0 kanti kuyiwe ekhefini sezimmbene ngo 1-1. 

UMofokeng ushaye igoli elibaluleke kakhulu kulo mdlalo nelenze iPirates ithole ukunqoba obekuyifanele futhi ebikudinga.

Kodwa ngaphambi kokuthi iPirates igxile kwiNedbank Cup, izodlala neGolden Arrows eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili emdlalweni weligi.