
Kucaciswa ngabe-Orlando Pirates abalimele
I-Orlando Pirates isiqinisekise ukuthi omunye wabadlali bayo abamqoka kule sizini usalimele njengoba ibheke emdlalweni weCaf Champions League.
IBucs izobhekana ne-MC Alger eStade du 5 Juillet, e-Algiers e-Algeria ngoLwesibili ngo-9 ebusuku.
Intandokazi yabalandeli futhi engumdlali omqoka kwi-Orlando Pirates uPatrick Maswanganyi usohlwini lwabadlali abasale ngaphandle kulo mdlalo ngenxa yokulimala.
UMaswanganyi uhoxile naseqenjini leBafana Bafana ekhempini yakamuva ngenxa yokulimala ngasekupheleni kwenyanga edlule.
Waklunyuka umsipha wethanga ngesikhathi belungiselela umdlalo weBetway Premiership la bashaya khona iMamelodi Sundowns.
Bekunethemba lokuthi uzolulama ngesikhathi sekhefu lamazwe ngamazwe. Nokho i-Orlando Pirates ikuqinisekisile ukuthi akazange aye e-Algeria.
Usalumele futhi usathola ukwelashwa nabanye abadlali abambalwa abalimele.
“I-Orlando Pirates izobe ingenaye uPatrick Maswanganyi ngesikhathi amaBhakabhaka ebhekene neMC Alger.
“Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala akazange abe yingxenye yeqembu elihambile ngenxa yokuklunyuka umsipha wethanga,” kuchaza ikilabhu.
I-Orlando Pirates iphinde yaveza nesimo sabanye abadlali abangekho eqenjini ngoba besalashelwa ukulimala okwehlukene:
- U-Olisa Ndah – Lo mdlali wasemuva uthukalile ekulimaleni abesanda kwelulama kukho kulandela ukuwa kabi emdlalweni wobungani wakamuva. Uzophinde ahlolwe emasontweni amathathu kuya kwamane.
- UThabiso Monyane – Lo mdlali wasemuva kwesokudla naye uphinde walimala umsipha weqakala emdlalweni wobungani wakamuva.
- UZakhele Lepasa – Lo mgadli useqalile ukuzilolonga neqembu. Nokho ithimba lezokwelapha ngeke lixine ukuthi abuyele ekudlaleni.
- UThabiso Sesane – Lo mdlali wasemuva useqalile ukuzivocavoca umzimba.
- UThabiso Lebitso – NjengoSesane, naye useqale nokuzivocavoca umzimba. Uzophinde ahlolwe isimo kahle emasontweni amahlanu kuya kwayisithupha.
IPirates manje kuzomele ibuyekeze izinhlelo zayo zokudlala ngaphandle kwalaba badlali abamqoka.
Ukulimala kwabo kuzaliphazamisa iqembu kwazise kusesikhathi esibalulekile njengoba sekusongwa yonke imikhankaso elidlala kuyo.
Umlenze wokuqala womkhumulajezi kwiChmapions League la ibhekene khona neMC Alger uzoba yisivivinyo esinzima kumaBhakabhaka.
Abalandeli bazothemba ukuthi iqembu lizokwazi ukubhekana futhi lidlule ngempumelelo kule nselelo naphezu kwezingqinamba zokulinyalelwa.
