EzintshaKaizer Chiefs

UMotaung Jr. uveza okuhloswe yiChiefs ngokuya eNetherlands

Amakhosi asemalungiselelweni ashubile futhi athathe elinye igxathu eliqinile ngempelasonto.

Umqondisi weKaizer Chiefs uKaizer Motaung Jr. ubekhona ngesikhathi iqembu lizilolonga e-Appeldorn ngoMgqibelo.

Usephawule ngesinqumo sekilabhu sokushintsha ikhempu isuke eTurkey la beyikhona ngonyaka odlule, iye eNetherlands kulokhu.

“Kumayelana namasiko ahlukene nokuthi sizihlole endaweni engcono,” kusho uMotaung Jr. 

“Besifuna ukuphakamisa izinga lokuzilungiselela ngokudlala imidlalo yokuzizwa amandala eqinile, esezingeni eliphezulu.”

IKaizer Chiefs ibuyela esikweni layo lakudala lokuzilolonga phesheya njengoba yake yenza ngo-2003 iya eSouth Korea la yadlala khona kwiPeace Cup. 

UMotaung Jr. uhlalile futhi wadlala e-Europe isikhathi eside — okuhlanganise ukudlala kwi-1860 Munich eGermany, nokuyohlolwa ikhokho enkulisa yeChelsea.

Ukholwa ukuthi ukuyoziluniselela phesheya kubalulekile ngokuthi kususa abadlali endaweni la abasuke benethezeke kuyo.

“Akukhona ngebhola nje kuphela,” kwengeza yena. “Kumayelana nokuthatha uhambo, ukwazi amasiko ehlukile nokwazi izindawo ezehlukene. 

“Lokhu kuyakhulisa ngokwengqondo futhi kulungiselela abadlali isizini ezayo — ikakhulukazi njengoba kukhona neCaf Confederation Cup.”

IKaizer Chiefs ingene kulo mqhudelwano wezwekazi ngokunqoba iNedbank Cup ngesizini edlule. 

Njengoba kuza uhambo olunzima ezwenikazi, le klabhu ikholwa ukuthi uhambo lwase-Europe luzolungiselela abadlali ngokomqondo. 

Ihlelelwe nochungechunge lwemidlalo emihlanu yobungani oluzoqala ngoLwesibili.

Amakhosi azobhekana neqembu leDutch Eers Divisie, iVitesse eSportpark Driel, kanti lo mdlalo uzoqala ngo-7 ebusuku.

“Lolu hambo lubalulekile ekuhlanganiseni abadlali abasha, ukuzijwayeza amasu okudlala nokwakha ukuzwana eqenjini, kusho uMotaung Jr. 

“Sibonga usihlalo neBhodi lilonke ngokusekela lolu hlelo. Sizimisele ngokuzilungiselela ngokuphelele.”

Umlayezo ucace kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini — Amakhosi azimisele kakhulu kule sizini ezayo.