
Kucaciswa ekaPetersen ongekho kweleKaizer Chiefs kwidabhi
Sekubatshazwe isimanga uma kuphuma uhla lwabadlali beKaizer Chiefs abazoqala umdlalo uma seyibhekene ne-Orlando Pirates.
Lamaqembu – anezigidi zabalandeli kuleli – azogadulisana emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Okuthusile nokho wukungabonakali kukanozinti oyisethenjwa kwiKaizer Chiefs kule sizini, uBrandon Petersen ohlwini lwabaqala umdlalo.
UPetersen akekho ngisho ebhentshini eqenjini lalo mdlalo obhekwe ngabomvu yizwe lonke.
Sekuvele ukuthi kuphoqeleke ukuba ahlinzwe ngenxa yokulimala ngesonto elidlule.
Kubuyiselwe uBruce Bvuma ezintini kanti ebhentshini icuphe ngoFiacre Ntwari – bobabili abebengakabonakali kule sizini.
UYEPHI UPETERSEN?
UPetersen ubenconywe kakhulu ngobuholi bakhe obenza Amakhosi aqine emuva ngaphambi kwalo mdlalo.
Ukungabi khona kwake ngokusobala kuzoba nomthelela eqenjini ikakhulukazi emuva la lizobe libhekene nabagadli bePirates abawuhlupho.
Emuva khona kubuye no-Inacio Miguelo obengadlali muva nje ngenxa yokulimala.
Naye ukukulungela kwakhe umdlalo waleli zinga kuyangabazeka. Kodwa ke abaqeqeshi babuyise yena.
Uzobambisana noZitha Kwinika maphakathi nenkundla, bese kuba noThabiso Monyane no-Aden McCarthy ezinhlangothini.
USHINTSHO ESISWINI
Esiswini ibanjwe uLebohang Maboe noNkosingiphile Ngcobo maphakathi, bese kuba khona u-Ethan Chislett, uPule Mmodi ezimpondweni.
Phambili igadla ngoFlavio Silva noGlody Lilepo okuyibo okubhekwe babhakuzise inethi kulo mdlalo.
IPirates yona ayishintshile kangako. Kubuye uLebone Seema emuva esikhundleni sikaMpho Chabatsane obedlale ngempelasonto edlule.
UKamogelo Sebelebele yena ungene kwekaDeono Van Rooyen kwesokudla emuva.
Esiswini khonakubuye uThalente Mbatha esikhundleni sikaMasindi Nemtajela.
- Ibophele kanje iKaizer Chiefs (3-5-2): Bvuma – McCarthy, Kwinika, Miguel – Mmodi, Monyane, Ngcobo, Maboe, Chislett – Lilepo, Silva
- Ebhentshini: Ntwari, Cross, Mako, Solomons, Cele, Velebayi, SIrino, Du Preez, Duba
- I-Orlando Pirates ibophele kanje (4-3-3): Chaine, Hotto, Sebelebele, Sibisi, Seema – Makhaula, Mbatha, Mofokeng – Appollis, Moremi, Mbuthuma.
- Ebhentshini: Buthelezi, Chabatshane, Van Rooyen, Ndaba, Dansin, Maswanganyi, Nemtajela, De Jong, Makgopa
