EzintshaOrlando Pirates

Seziqalile izinguquko zesizini ezayo kwi-Orlando Pirates

Kodwa leli qembu laseSoweto manje kukholakala ukuthi selivele liqalile lilungiselela ukusayinela isizini ezayo. 

Ewindini lokushintshana ngabadlali ngoJanuwari, i-Orlando Pirates bekulindeleke ukuthi ilande abadlali abambalwa abazoqinisa iqembu layo.

Lokhu belulandela ukuthi iededele abanye babadlali bayo, ibolekisa ngabo kwamanye amaqembu.

Bekukholakala ukuthi lokhu kwenzelwa ukuvula isikhala sabadlali abasha abazosayiniwa.

Beyimataniswe kakhulu nezihlabani ezimbalwa zakulelli nabanye bangaphandle kwemingcele yakuleli.

Kodwa kwaze kwashaya uJanuwari 28, lavalwa iwindi ingakasayini noyedwa. 

Kodwa manje izindaba ezifinyelela ethimbeni leLisenethini zithi umsebenzi usuyaqhubeka ukuze kutholakale abadlali abazosayinwa ngesizini ezayo kusenesikhathi. 

Imithombo esondelene naleli qembu ithi i-Orlando Pirates ifuna ukusheshe ithole abadlali bayo abasha ukuze babe yingxenye yohlelo lwangaphambi kwesizini. 

Imibiko yakamuva iveze ukuthi abaphathi bamaBhakabhaka basezingxoxweni esezithuthukile nePolokwane City mayelana nabadlali abababili u-Oswin Appolis noThabang Matuludi. 

Kukholakala ukuthi sebevele babophele uMonnapule Saleng noNdabayithethwa Ndlondlo eqenjini ngezinkontileka ezintsha. 

Futhi i-Unplayable ZA ibike ngoLwesithathu ekuseni ukuthi iPirates isivele iziqalile izingxoxo neBaroka FC mayelana nokudayiselwa komunye wabadlali bayo abaphambili. 

“I-Orlando Pirates kuthiwa inentshisekelo yokusayinisa uKabelo Kgositsile weBaroka.

“La maqembu womabili asekhulumile ngalokhu,” babike naje ku-X, phambilini obewaziwa ngeTwitter.

Ngaphezu kwalaba, kusekhona abanye abadlali iPirates emataniswa nabo okukhona kubo noBaraka Majogoro weChippa United. 

Kukhona nabayisikhombisa ebolekise ngabo emaqenjini ehlukene kwiBeyway Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship abasazobuya.

Kuthiwa bonke bayalandelwa ukubona ukuthi bakusiphi isimo ukuze kuthathwe izinqumo ngokubuyiswa kwabo ngesizini ezayo. 

Naba ebolekise ngabo: 
  • Jabulani Mokone, Right Back, 19 – Upington City FC
  • Seth Green, forward, 19, Upington City FC
  • Siphelo Baloni, 25, midfielder, Chippa United
  • Katlego Otladisa, 28, winger, Sekhukhune United
  • Gilberto, 23, winger, Petro de Luanda
  • Katlego Cwinyane, 25, striker, Orbit College
  • Cebo Mchunu, 22, midfielder, Milford FC.