
UNabi weluleka uRanga Chivaviro okhacwa abalandeli
URanga Chivaviro unobudlelwano obungebuhle nabalandeli beKaizer Chiefs futhi uselulekwe ukuthi aqine.
Lo mgadli oyisidlakela uthole kunzima kwiKaizer Chiefs kusukela eyijoyine eminyakeni emibili edlule.
Yize uRanga Chivaviro ekhombisa ukuzimisela ngaso sonke isikhathi uma edlala, uneshwa lokushweba amathuba okushaya amagoli abukeka elula.
Lokhu sekumenze wabonakala njengesitha kwabanye babalandeli beKaizer Chiefs asebevele bamhhahhameze njalo uma ethola ibhola.
NgoLwesibili, ngesikhathi iChiefs inqoba ngo 1-0 ihlula iMagesi FC emdlalweni weBetway Premiership, uChivaviro ube namathuba ambalwa amahle angakwazanga ukuwasebenzisa.
Ugcine ekhishiwe esikhundleni sakhe kwangena u-Ashley Du Preez ngasekupheleni komdlalo, abanye babalandeli bamkhaca ngokuhluleka kwakhe.
Ebuzwa ngalokhu nezinye izigameko lapho abalandeli bekhombise ukungamuzwa uRanga Chivaviro, umqeqeshi uNasreddine Nabi uthembise ukumeseka umgadli wakhe.
“Ukuze udlale eqenjini elifana neChiefs udinga ukuba ngumuntu oqinile, onomqondo oqinile impela.
“Yiqembu elinabalandeli abaningi futhi lokho kusho ukuthi ukugxekwa kuza kalula.
“Yingakho udinga ukuqina ngokwengqondo,” kusho uNabi ebuzwa ngokukhacwa kukaChivaviro.
“Ngisho noma usezingeni eliphansi kakhulu ngokomdlalo, udinga ukuhlala ugxilile, uhlale uqinile ngokwengqondo.
“Ngethemba ukuthi uRanga uyakuqonda lokho, uyabona ukuthi kufanele abe nengqondo eqinile ukuze adlalele iqembu elifana naleli.”
UChivaviro ubedlala esuka ebhentshini emidlalweni yakamuva. Kodwa njengoba uTashreeq Morris ebengekho ngenxa yokulimala, uqalile bebhekene neMagesi.
Okwamanje akukacaci ukuthi uMorris uzohlala isikhathi esingakanani engekho eqenjini.
- OLUNYE UDABA | Usenkingeni uMbule, usolwa ‘ngokuhlambalaza’ umqeqeshi
Kanti uChivaviro angase aphinde abizwe ukuthi aqale futhi emdlalweni wama-quarter finals eNedbank Cup neStellenbosch ngempelasonto.
