EzintshaNedbank Cup

Kungaba idabhi yaKwaZulu kowamanqamu weNedbank Cup?

Njengoba iDurban City seyiwubhidlizile umbono wedabhi yaseMpumalanga kowamanqamu weNedbank Cup, ingabe sekungaba idabhi yaKwaZulu?

Phela kuyiwe kule mpelasonto yemidlalo eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano kunemibono ngokuthi kungase kube yidabhi yesifundazwe kowamanqamu.

Lokhu bekungenxa yokuthi bekuzodudulana amaqembu aseMpumalanga nawaKwaZulu emidlalweni eyandulela owamanqamu.

Kodwa ke iDurban City iwuqedile umbono wedabhi yaseMpumalanga ngokuthi ibuyisele iCasric Stars ngakubo imisila isingaphansi kwemilenze.

Leli qembu likaBucs Mthombeni beliye eThekwini imisila ibheke phezulu kuhle kwengulube yentaba.

Lokhu bekulandela ukuthi ligingqe izinkunzi zeBetway Premiership, i-Orlando Pirates naMaZulu FC kulandelana.

Nokho ke lifike kwezikaPitso Dladla itshe seligaya ngomunye umhlathi, zabuyela emuva seifana nenja ebanjwe intshontsha amaqanda.

Manje njengoba ngeSonto iTS Galaxy izobhekana neMilford FC, kusengenzeka kube idabhi yaKwaZulu kowamanqamu weNedbank Cup.

Kodwa lokhu kuzodinga iMilford ishaye ezikaDavide waseBhayibhelini, ziphendule uGoliyathi oyiGalaxy umnqolo ngokumshayela ngakubo.

Lo mdlalo wokugcina esigabeni seyandulela owamanqamu uzoba seSolomon Mahlangu Stadium KwaMhlanga, eMpumalanga ngeSonto – uqala ngo-3 ntambama.

IGalaxy ibophele kanje (4-2-3-1): Ira – Fisher, Letsoenyo, Mahlangu, Siva – Kakora, Maduna – Zindonga, Mahlambi, Mvelase – Letsoalo

Ebhentshini: Maseti, George, Zulu, Mgaga, Dlamini, Ngwenya, Oumari, Keita, Mbunjana

IMiflord yona izihlele kanje (4-3-3): Hleza, Bhengu, Mdluli, Khwanya, Cele, Mkhize, Chili, Mthethwa – Sigomoshe, Zikakyo, Ndlabi

Ebhentshini: Madondo, Mthabela, Radebe, Joyi, Mbunga, Mekuto, Gxakoshe, Sibiya, Philander