Ezintsha

Kuyamlungela kwePSL uMlambo ‘obesesola umsamu’ 

  • Intatheli yeLISENETHINI

UMlambo, 33, akanalo iqembu kusukela eshiye kwiTS Galaxy ngaphambi kokuthi kuqale isizini edlule. 

Naphezu kwamava akhe, ukuthola iqembu elisha kube nzima kuye. Kuke kwanesikhathi lo mdlali bekuthiwa usesola ukuthi kubheda emsamo kuye. 

Nokho, isimo sikaMlambo sizoba ngcono, njengoba kungenzeka aphinde ahlangane nomqeqeshi uDan Malesela kwiGallants. 

“Kubukeka sengathi uzosayina,” kusho umthombo osondelene nalo mdlali odabuka eSoweto. 

“Umqeqeshi uDan uzimisele ngaye, futhi kufanele uma ubheka ukuthi bake basebenza ndawonye phambilini.”

UMlambo noMalesela bake basebenza ndawonye kwiCape Town All Stars nakwiChippa United phambilini. 

UMlambo usenesikhathi ezilolonga neGallants waze wadlala emdlalweni wobungani wakamuva neSundowns.

“Usenesikhathi ezilolonga neqembu futhi ubedlala ngesikhathi iGallants inomdlalo wobungani neSundowns muva nje.

“Udlale kahle futhi akazange akhombise izimpawu zokugqwala okuyinto ebalulekile njengoba engase abe ngomunye wabadlali abamqoka eqenjini likaMalesela.” 

Umthombo uphinde waveza ukuthi uMalesela usezinzile kwiGallants, inkontileka yakhe isayiniwe kwavunyelwana nangemibandela. 

Ukusayinwa kukaMlambo okulindeleke ukuthi kube noshintsho oluhle emsebenzini wakhe njengoba ebheke ukuvuselela ibhola lakhe.