EzintshaOrlando Pirates

Izintwana zePirates zivule kabuhlungu e-Europe

Iqembu le-Orlando Pirates eliwine iDStv Diski Challenge ngesizini ka-2025/26 liluqale kabi uhambo lwalo lwase-Europe.

Lihlulwe ngo 5-0 yiqembu le-U21 le-SBV Vitesse yaseNetherlands ngoLwesbili emini.

Leli qembu lisohambweni olubizwa nge-“Winners Tour” ngemuva kokunqoba isicoco sokuqala seDDC emlandweni wePirates.

IVitesse iqale umdlalo ngamandla. Ishaye igoli lokuqala ngemuva kwemizuzu emithathu kuphela.

Igoli lesibili lize ngomzuzu ka-23. Ngemuva kwemizuzu emibili ukusuka lapho, kwase kuba ngu 3-0.

I-Orlando Pirates ibuye ngamandla ekuqaleni kwesiwombe sesibili kodwa kwaba nzima ukubuya emdlalweni.

Izinto zibe zimbi kakhulu ngesikhathi u-Oscar Gqeke ekhishwa ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-65.

IVitesse ishaye elinye igoli ngomzuzu olandelayo. Yaphinde yathola elesihlanu ngomzuzu ka-76.

IPirates isizobhekana neDe Graafschap ngoLwesine komunye umdlalo wakulolu hambo.