EzintshaMamelodi Sundowns

Kusale kancane ashawode obalimazile uCardoso kuqhuzuka iDowns

UMiguel Cardoso ubebonakala ukuthi akeneme neze ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibanjwa yiStellenbosch FC ngo 1-1 ngoLwesithathu ebusuku. 

Lo mphumela womdlalo weBetway Premiership ulibazise iSundowns ayangakwazi ukubuyela eqhulwini kwilogi.

Isalandela i-Orlando Pirates ngephuzu elilodwa yize yona isenomdlalo ewugodlile njengoba sekubhekwe entanjeni kulo mqhudelwano.

IDowns ihambe phambili ngesiwombe sokuqala ngegoli likaTsiki Ntsabeleng kodwa iStellies yalinganisa seliyoshona ngephenathi evalelwe enethini uTshego Mabasa.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, kwale kancane uMiguel Cardoso angalibeki ngembaba elokuthi balinyazwe uKhulumani Ndamane odale iphenathi.

“Besiwuphethe kahle umdlalo futhi sanamathuba okushaya igoli lesibili, kodwa asangakwenza lokho,” kusho uCardoso. 

“Sidedele iphenathi ekugcineni. Kodwa singakhala kuphela ngamagoli esingawashayanga. 

“Siqhubekile nokwakha amathuba esiwombeni sesibili, kodwa uma ungawasebenzisi kuyenzeka bese wenza iphutha.

“Futhi silenzile iphutha. Bekungenangozi laphaya kowa sadlala ngokunganaki kwadaleka iphenathi.”

Ube esebuzwa ukuthi ngabe kube wukudembesela okudale ukuthi balahle ithuba lokubuyela eqhulwini.

Uvele wavuka ngolaka: “Cha… cha. Ungadidanisi izinto. Iqembu lizamile ukunqoba lo mdlalo.

“Isimo esenzekile sibe yiphutha lomdlali oyedwa obe budedengu. Ngumdlali osemncane okusamele afunde ukuthi izinqumo zakhe zingasilimaza.

“Ngempelasonto ube nomdlalo omuhle ezingeni eliphezulu. Kodwa ke ube budedengu kulesiya simo umdlalo usuyophela.

“Besiwuphethe umdlalo kungekho ngozi evela kwiStellenbosch kodwa sayipha igoli.”

Kucishe kwaba muncu kakhulu njengoba iStellies ilishayile igoli lesibili, kodwa onompempe bathi uMabasa ubesesendaweni engamfanele. 

UNdamane ubonakale echiphiza izinyembezi ekupheleni komdlalo waze waduduzwa ngozakwabo.