Ezintsha

Izifiso ezinkulu kuNgezana enqoba izindondo eRomania

USiyabonga Ngezana usebheke ukuyodlala kumaligi aphezulu e-Europe ngemuva koklonyeliswa ngezindondo ezimbili ezinkulu eRomania.

Lo mdlali wasemuva ozakhele igamaa kwiKaizer Chiefs, uqokwe njengesitobha sonyaka kwiSupaLiga emcimbini weFanatik Super Gala ka-2024. 

Uphinde wawina umklomelo womdlali wangaphandle ovelele kwiRomanian Football Gala.

UNgezana ujoyine iFCSB ngo-2023 esuka kuMakhosi, washeshe waba ngumdlali obalulekile kuleli qembu. 

Ngesizini yakhe yokuqala, usize ikilabhu ukuthi iwine isicoco sayo sokuqala seligi eminyakeni eyisishiyagalolunye futhi yaphakamisa nendebe yeSuper Cup.

Kule sizini, iFCSB iqhudelana kwi-UEFA Europa League, kanti uNgezana usedlale imidlalo engu-21 kuze kube manje kulo mqhudelwano. 

Ukwenza kahle kwakhe kuphinde kwamenza wabizelwa eqenjini leBafana Bafana.

Phezu kwalezi zindondo, uNgezana uthi inhloso yakhe enkulu wukudlala kumaligi aphezulu e-Europe. 

“Le miklomelo isho lukhulu kimi. Iwumphumela wokusebenza kanzima nokuzidela,” utshele usho kanje kwabeFARPost.

“Kuthathe ukusebenza kanzima kakhulu, kanti lokhu kuyizitthelo zomsebenzi wami. 

“Lokhu kuyinzuzo yokusebenza kwami kanzima nokuzimisela. 

“Ngizidelile ukuze ngibe ngcono kakhulu. Ukushiya umndeni wami ngemuva kwakungesona isinqumo esilula ukusithatha. 

“Ngadlula esimweni esinzima lapho ngiqala. Kodwa ngokuzikhandla, ngafunda emaphutheni ami futhi ngaba umdlali ongcono. 

“Sisekhona isikhala sokuzithuthukisa, futhi ngifuna ukukhula kakhulu ukudlula lokhu.”