EzintshaMamelodi Sundowns

‘Ithemba’ kuThabo September iDowns iququda iChippa

ISundowns ithele iChippa othulini ngo 3-0 emdlalweni weBetway Premiership obuseLoftus Stadium, ePitoli ngoLwesithathu ebusuku. 

Amagoli eSundowns ashaywe o-Iqraam Rayners noJaydon Adams esiwmbeni sokuqala, kwathi uThapelo Maseko washaya elesithathu kwesesibili.

Ukunqoba kweSundowns kuphinde kwayenza yaqinisa igebe eshiya ngalo i-Orlando Pirates esembangweni nayo wesicoco seligi.

Manje seyiphambili ngamaphuzu angu-12, kanti sekusele imidlalo emithathu ukuthi isonge le sizini, bese inqoba isicoco sesishiyagalolunye kulandelana.

Yize iPirates yona isenemidlalo emibili esele ngayo kweyeSundowns, kubukeka kuzoba nzima kakhulu ukuthi igcine iyificile.

Yize ezakhe zibhuquzisiwe, uThabo September usale nethemba lokuthi bazokwenza kangcono ngesonto elizayo.

Lamaqembu azophinde adlale omunye umdlalo weligi ngoLwesithathu oluzayo eGqeberha.

“Impela asibanga nesiwombe sokuqala esihle,” kuvuma uThabo September ngemuva komdlalo.

“Besingakwazi ukucindezela. ISundowns yiyo ebisivalela ekopini. Besingakwazi ukwenza lutho.

“Esiwombeni sesibili senze izinguquko, kwaba nomfutho ongcono – ongcono kakhulu kunowesiwombe sokuqala.

“Kodwa ke ibhola wumdlalo wamaphutha futhi uma wenza amaphutha amaningi ubhekene neqembu elifana neSundowns uyalimala.”

Njengoba zibuyela enkundleni ngesonto elizayo, uSeptember uthe bazocubungula ukubona la benze kahle khona, nalapho befambule khona.

“Sizocubungula, sibone ukuthi yikuphi esingakwenza ukuze sibe ngcono ngesonto elizayo,” kuqhuba lo mqeqeshi.

“Okuhle wukuthi sizoba nethuba lokulungisa la kubheda khona, bese sisheshe sibuyela kubo sibone ukuthi bukhoa yini ubungcono.”