
Isiqalile ukwethula abasha iKaizer Chiefs – iqale ngoShinga
Isasasa kubalandeli be-Kaizer Chiefs kulindeleke ukuthi likhule kakhulu kuleli sonto njengoba leli qembu seliqalile uthwethula abadlali balo abasha.
Njengoba isizini ka-2024/25 isiphelile ngokusemthethweni – iphele ngoJuni 30 – izinkontileka ezindala seziphelile, kanti ezintsha seziqalile.
I-Kaizer Chiefs ike yabamba isimilo, yazithulela nje ngesikhathi izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates yethula abadlali bayo ngesonto eledlule.
Kodwa manje sekuyithuba layo, futhi leli qembu elizinze eNaturana seliqalile ngochungechunge lwezimemezelo zabadlali.
Owokuqala osethuliwe ngumdlali wasemuva kwesokunxele uNkanyiso Shinga ojoyina iqembu esuka kwiFC Alverca yasePortugal.
Lo mdlali uphuma enkulisa ebisikhiqize inqwaba yabadlali qede yabathumela phesheya, iDurban Football Academy.
“Siyajabula ukumemezela ukusayinwa kukaNkanyiso Shinga oneminyaka engu-25 ubudala.
“Ungumdlali wasemuva onethalente lokukwazi ukudlala ezindaweni eziningi okukhona kuzo eyasesiswini nokuhlasela.
“Uzogqoka ijezi unombolo 74. Siyakwamukela emndenini!,” sifundeka kanje isitatimende seKaizer Chiefs.
Ungomunye wabadlali ababuyiselwe ekhaya yi-Kaizer Chiefs emzamweni wayo wokuqinisa isikwati sayo.
Phambilini ibuyise uThabo Cele okukholakala ukuthi ube nomthelela ekukholiseni abanye abadlali abazinze phesheya kwezilwandle ukuthi bacabange ukubuyela kuMakhosi.
IKaizer Chiefs iphinde yasayinisa u-Ethan Chisslett ongumdlali wasesiswini ohlaselayo okulindeleke ukuthi adalulwe maduze.
Basekhona nabanye leli qembu okubhekwe libethule ngaphambi kokuthi lilifulathele elakuleli liye e-Europe.
IChiefs izozinza eNetherlands amasonto ambalwa la izobe ilungiselela khona isizini entsha.
Kubadlali abasha osekuvelile ukuthi sebeqalile vele ukujima eNaturena, kukhona nomgadli uFlavio Silva.
Kukhona nezitobha ezimbili ebezikwi-Orlando Pirates oPaseka Mako noThabiso Monyane.
