
I-Arrows iqalile iyakhuculula, idedela abadlali abayisithupha
ILamontville Golden Arrows isiqalile ukulungiselela isizini ka-2026/27 ngokwenza izinguquko ezinkulu eqenjini layo.
Sekuvele ukuthi abadlali abayisithupha bazokhululwa yileli qembu leBetway Premiership elizinze KwaZulu.
Abafana Bes’thende kubukeka sengathi sebeqalile ukuvula izikhala zabadlali abasha ngokudedela abanye abangasekho ezinhlelweni zesizini ezayo.
Ngokombiko we-iDiski Times, uBrandon Theron, uKeenan Phillips, uSanele Shabalala, uGladwin Shitolo, uSazi Gumbi noNduduzo Mhlongo bayagajwa.
UTheron, oneminyaka engu-33 ubudala, wajoyina i-Arrows ngo-2023 esuka kwiMaritzburg United (manje osekuyiDurban City) ngemuva kokudliwa kwayo yizembe.
UPhillips yena uzoshiya ngemuva kokuchitha amasizini amabili neqembu kusukela efike esuka kwiMoroka Swallows.
Unozinti uShabalala, yena usayine esuka kwiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwale sizini esongwayo.
Kodwa akakwazanga ukudlala ngisho owodwa umdlalo, kanti naye kuvela ukuthi uyachithwa.
Ngakolunye uhlangothi, ukuphuma kukaShitolo kuphetha isikhathi eside asichithe kuleli qembu.
Lo mdlali ujoyine i-Golden Arrows ngokugcwele ngo-2022 ngemuva kokubolekiswa izikhathi eziningana esuka kwi-Orlando Pirates.
UMhlongo naye uzoshiya ngemuva kokuhluleka ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo.
UGumbi, odlale umdlalo owodwa kule sizini, naye usohlwini lwabadlali abazovalelisa ngemuva kweminyaka emihlanu ekwi-Golden Arrows.
