Ezintsha

Isililo ebholeni laseMzansi kushona umdlali weDurban City

Lesi sigameko esibi senzeke ngesikhathi kuqhubeka umdlalo waleli qembu nomkhaya balo baKwaZulu-Natal iMilford FC ngoLwesibili ntambama.

Umdlalo umisiwe esiwombeni sesibili kulandela ukuvela kwezindaba zokushona kukaSinamandla Zondi.

Ngokuthola kweLisenethini, uZondi uvukwe yisifo sokuwa ngesikhathi abadlali bezivocavoca ngaphambi kokuqala komdlalo. 

Ube esephuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho efike washonela khona. 

Umthombo osondelene naleli qembu uthe izindaba zokushona kwakhe zibe sezizwakala ngesikhathi sekhefu.

“Abadlali batshelwe ngesikhathi besekhefini ukuthi uzakwabo ufike washonela esibhedlela,” kusho lo mthombo. 

“Isimo sivele samuncu nje, kwacaca ukuthi akekho obesangaqhubeka adlale.

“UZondi ubekhona ohlwini lwabazoqala lo mdlalo, kodwa waba nenkinga okusolakala ukuthi yisifo sokuwa. 

“Ube esekhishwa kwangena uJodwana endaweni yakhe, yena waphuthunyiswa esibhedlela.

“Uqhubekile umdlalo, kodwa ngesikhathi sekhefu kwafika umbiko wokuthi usedlulile emhlabeni.” 

I-Durban City isikuqinisekisile ukushona kwalo mdlali esitatimendeni esikhiphe ngoLwesithathu ekuseni.