EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza uKhanye ashaye amakhala ngoNabi ‘obheke entalashishi’

Owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uJunior Khanye ukholwa wukuthi sekuyisikhathi sokuthi leli qembu libhekane neqiniso ngomqeqeshi uNasreddine Nabi.

Lokhu kuza ngemuva kokudlala kweChiefs ngokulingana ngo 1-1 neTS Galaxy kwiBetway Premiership ngoMsombuluko. 

Lo mphumela wenze sanyuka isibalo semidlalo Amakhosi agcina ukunqoba njengoba isimithathu manje. 

Ushiye iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisishiyagalolunye. 

Manje uKhanye uthi useqala ukusola ukuthi isiyesinda ingcindezi uNabi abhekene nayo.

“Ibhodi elilawula ikilabhu bekufanele angabe selivele liqalile ukuba nezingxoxo ngoNabi,” kusho uKhanye kwi-iDiski TV.

“Ngiqonde ukuthi uma ubheka imidlalo ayinqobile, (uGaston) Sirino nguye obenza izinto zenzeke. 

“Yebo uSirino nguye obebadlalisa, vele ungumdlali okhethekile kodwa ukusebenza kukonke akubona abantu abaningi abebezobona ukuthi ubani osize ngesikhathi iqembu lanqoba. 

“Ingabe bekungamaphutha ezimbangi noma ukuba nomdlali okhethekile ongenza izinto zenzeke noma abanye abadlali baphakamise izandla ngenxa yakhe.

“Bekufanele bakuqaphele ngesikhathi somdlalo bebhekene neMamelodi Sundowns. 

“Yebo, iSundowns iqhwakele, kodwa iChiefs idlale neSundowns ebingakangeni efomini ngaphansi kukaManqoba Mngqithi. 

“Yebo, iSundowns ishaye amagoli amane ngosuku kodwa uma iChiefs beyisezingeni, yayingadlala ngokulingana, kodwa ibingeyinhle.

“Yilapho obekufanele bambuze khona. Khohlwa wumdlalo wePolokwane City, ubheke umdlalo neMagesi.

“Ubheke ukuthi udlale kanjani ngokwamacebo okudlala. Abalandeli abaningi bakujabulela ukudlala ngokulingana. 

“Ngiyabahlonipha abalandeli futhi ngiyaqonda ukuthi uma weseka iqembu ebelijwayele ukunqoba, ebelikade linabadlali abayizihlabani uyoba njalo kodwa kumele bathembeke.

“Bengingeke ngimahlulele ngesikhathi efika kodwa baningi abaqeqeshi abangaziwa kodwa abangcono kunaye. 

“Njengomqeqeshi bekumele enze ucwaningo lwakhe ngeGlamour Boys, abuke amaDVD ukuze abone uhlobo lwabadlali abadingwa yiChiefs noma uhlobo lwebhola okufanele ludlalwe yiqembu.

“Ngiyazi ukuthi wonke umuntu ufuna imiphumela kodwa lokho ngeke kube manje. 

“Ngicabanga ukuthi usayiniswe ukuthi awine okungenani indebe eyodwa kodwa ngathi kuzoba yinhlekelele ngoba usevele ungaphansi kwengcindezi kumanje.

“Ufuna ukuwina kanzima, uhlale ehlasela unompempe, ngisho ukuthi ithimba labaqeqeshi leChiefs lithola ikhadi emdlalweni ngamunye.

“Lokhu kungoba lifike lapha licabanga ukuthi lizowina indebe, njengoba lithe kumele siwine.

“Ngeshwa kimi lo mqeqeshi ulibhekise endaweni engafanele iqembu.”