Caf Champions LeagueEzintsha

Ishiphe kudliwa i-Orlando Pirates iqwaqwada iMC Alger

Umphumela omuhle obekulindeleke ukuthi lezi zinkunzi zaseSoweto zingabuya nawo ekuhambeni ukudlala ngokulingana.

Kodwa ngaphansi kukaJose Riveiro, i-Orlando Pirates ikhombise ikhono elingandile lokumangaza ikakhulukazi uma icindezelekile. 

Kodwa kufanele kuvele ukuthi kumele kunconywe unozinti wePirates uSipho Chaine ngalo mphumela njengoba evimbe inqwaba yamabhola amabi abethunyelwa yiMC Alger, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.

Njengoba bekulindelekile eqenjini elisekuhambeni, i-Orlando Pirates ihlale emuva esigabeni sokuqala somdlalo yamukela ingcindezi yeqembu lasekhaya.

Futhi iqembu lasekhaya lenze obekulindelekile njengoba belihlasela ngayo yonke indlela eliyaziyo kodwa lifice kukakwe enkulu ingidi emapalini ePirates.

IPirates iqalile ukuhlasela kancane ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, yakhombisa ukuthi ingawugila umhlola okuzosala kukhulunywa ngawo e-Algeria.

Nokho kuyiwe ekhefini zisabambene, ingekho egoba uphondo okwenze i-Orlando Pirates yazi ukuthi inethuba lokuthola umphumela omkhulu kulo mdlalo.

Ushintsho lwamaqhinga lomqeqeshi uJose Riveiro maphakathi nesiwombe sesibili lubonakale luwubuchule obukhulu.

Ukhiphe uKabelo Dlamini, wathumela uMoahu Nkota osheshayo endaweni yakhe. Akuphelaga sikhathi esitheni engenile, uNkota wenza umonakalo obungalindelwe kwiMC Alger.

Ushaye elihle igoli, ekhombisa ubuchule nesineke ukuze aqedele ibhola elide ukubeka ezikaMagebhula phambili kulo mdlalo. 

Manje iPirates kuzomele iqedele umsebenzi ekhaya e-Orlando Stadium bese idlulela kowandulela kowamanqamu weCaf Champions League. 

Umlenze wesibili uhlelelwe uLwesine, luka-Ephreli 9 e-Orlando Stadium okulindeleke ukuthi igcwale phama.