
UMudau ubhoboka ngokwenzeka efunwa elaphesheya
Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, u-Khuliso Mudau, usephumele obala ngokufunwa kwakhe yiqembu laphesheya.
Kwake kwaba namahlebezi okuthi iBurnley isha amashushu ngalo mdlali weBafana Bafana.
Manje, ekhuluma neSoccer Beat, uMudau usekuqinisekisile ukuthi nebala wake wezwa kuthiwa uyafuneka kwi-English Premiership.
Uveze ukuthi ngesikhathi uRulani Mokwena esengumqeqeshi weSundowns, kwakukhona intshisekelo evela kuleli qembu lase-England.
“Bekukhona amaqembu ambalwa ayekade engikhombisa isithakazelo.
“Ngikhumbula ngesikhathi umqeqeshi uRulani eselapha, iBurnley yayingfuna,” kusho uMudau.
“Angazi ukuthi kwenzekani kulokho, kodwa zona zazikhona izingxoxo.
“Angazi ukuthi kwagcina kanjani ngoba angizange ngithole ukuthi kuphelelaphi.”
Lokhu kusho ukuthi intshisekelo yayikhona, kwaba nezingxoxo, kodwa izinto azizange ziqhubekele phambili.
U-Khuliso Mudau, osehlale isikhathi eside eChloorkop, ungomunye wabadlali abavelele emuva kwiSundowns.
Lo mdlali, owaziwa ngelikaSailorman, wazalelwa eMusina eLimpopo ngomhla ka-26 kuNdasa ngo-1995.
Uqale ukudlala ezigabeni ezikhokhelayo kwiJDR Stars, wadlulela kwiMagesi FC nakwiBlack Leopards, ngaphambi kokufika kwiSundowns ngo-2020.
Selokhu afika kwiSundowns, uMudau ube yingxenye ebalulekile yeqembu, wazuza izicoco zeBetway Premiership neCAF Champions League.
- ZITHOLE ZISHISA!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
