EzintshaOrlando Pirates

IPirates ivulele isibhaxu, uGavin Hunt ‘waxosha’ abadlali

Uvele wakhwela wadilika kubadlali bakhe uGavin Hunt, esola abanye babo ngokuthi abakufanele ukuba seqenjini lakhe kwiStellenbosch FC.

Lokhu ukwenze ngemuva kokushaywa yi-Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Lo mphumela ulimaze amathuba eStellies okungena kwiTop kanti ubuyisele iPirates embangweni wesicoco. 

Njengamanje isele ngamaphuzu amabili kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili futhi sebeyalingana ngemidlalo esidlaliwe. 

Okucike uGavin Hunt ngabadlali bakhe amagoli ashaywe yiPirates, aveze ukuthi bebengawavimba ukube bebenokuzimisela okufanele.

“Uma unabadlali abangafuni ukugxuma bangqofe ibhola, kwenzeka kanje,” kusho uHunt.

“Ngiyaziqhenya ngesikuzuzile kusukela ngoJanuwari naleli qembu esinalo njengamanje.

“Ngeke vele siqhudelane namaqembu anjena ngalaba badlali esinabo.

“Kodwa-ke ngesizini ezayo sizobe sesikwazi ukumelana nawo ngoba sizobashintsha abadlali.

“Baningi esinabo njengamanje engingazi bafika kanjani la esizobe sesibachitha,” kwengeza uGavin Hunt.

IPirates manje seyizominyela ukuthi iKaizer Chiefs izoyishaya noma ibambane neSundowns ngoLwesithathu kusihlwa.