EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso usole iDowns ngokushiya ‘ingqondo’ beshaywa yiBucs

IMamelodi Sundowns ihlulwe okwesithathu emidlalweni yeBetway Premiership eFNB Stadium ngeSonto ntambama, kanti uMiguel Cardoso ubengajabule neze. 

Esitatimendeni esishaqisayo ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi odabuka ePortugal uthe abadlali bakhe abazisebenzisanga izingqondo zabo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.

IPirates ishaye amagoli amabili asheshayo ngonyawo lukaRelebohile Mofokeng, kwacaca ukuthi kuzomele isebenze kanzima iSundowns ukubuya.

Kodwa ithwale kanzima esiwombeni sokuqala, ihluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva lwePirates kanti uCardoso ubone kube kukushoda kokucabanga okudale lokho.

“Uma uqala umdlalo ofana nalona kanjeya, akufanele ulindele izinto ezinhle,” kusho uCardoso kwabeSuperSport TV. 

“Ngingasho nje ukuthi siqale ukudlala kahle ngemuva kwegoli lesibili. Kodwa nalapho asizange sidlale ngobuchopho.

“Ubuchopho bushiywe endlini yokushintshela ekubeni ibhola kufanele lidlalwe ngobuchopho.

“Esiwombeni sesibili sibuye nabo ubuchopho obuncane enkundleni, ngeshwa inkundla beyingalungile futhi wonke umuntu ubewa.”

UMiguel Cardoso, ongene esikhundleni sikaManqoba Mngqithi ngoDisemba, usole nenkundla emanzi, eveza ukuthi bekuyisu le-Orlando Pirates leli.

Kodwa okumangazayo wukuthi imvula ibilokhu iyithela eGauteng impelasonto yonke ngisho naphakathi nomdlalo beyina. 

“Kuyihlazo, kodwa yilokho esibhekane nakho. Kuwanciphisile amandla ethu, uma bekuyisu labo leli, lisebenzile ngoba lisiqede amandla.”  

UMiguel Cardoso ukhuluma kanjena nje phela uphoxekile kwazise bekungalindelwe ukuthi ezakhe zingabuya zilambatha kwiPirates.

Phela emdlalweni womzuliswano wokuqala zazidlulela kalula kwezikaJose Riveiro, zizishaya ngo 4-1 ePitori. 

Ukuhlulwa kwehlise igebe iSundowns ehamba ngalo phambili kwilogi laba ngemamaphuzu angu-15 ekubeni iPirates isenemidlalo emine eyigodlile.