
ISundowns ezingxoxweni noRibeiro, ingabe iyambuyisa?
I-Mamelodi Sundowns isiqalile izingxoxo nomdlali waseBrazil uLucas Ribeiro Costa yize kusaqhubeka ingxabano yezomthetho phakathi kwakhe neqembu kwiFifa.
Ngokombiko weFARPost, abaphathi beSundowns sebeqalile ukuxoxisana nabamele lo mdlali ngokuthi abuyele eqenjini ngesikhathi kusalindwe isinqumo ngecala labo.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala akanaqembu ngemuva kokuhlukana neqembu laseSpain iCultural Leonesa elidliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.
Kubikwa ukuthi ingxabano esaqhubeka kwiFifa seyenze kwaba nzima ukuthi u-Lucas Ribeiro asayine kwelinye iqembu, okwenze i-Mamelodi Sundowns ibone ithuba lokumubuyisa eChloorkop.
URibeiro washiya iSundowns ngemuva kokusebenzisa ilungelo lokunqamula inkontileka, ethi le kilabhu yayivimba amathuba akhe okudlala ephesheya.
Yize iFifa yamnika imvume yesikhashana yokubhalisa kwelinye iqembu ngesikhathi udaba lusabhekwa, isinqumo sokugcina asikakhishwa.
Kubikwa nokuthi iqembu laseLibya, i-Al Ittihad Tripoli, belifuna ukumsayinisa, kodwa limise izingxoxo ngenxa yokungaqiniseki ngesimo sakhe sezomthetho.
- FUNDA NALA | UDlamini uphazamise izinhlelo zePirates
Uma iFifa ivuna i-Mamelodi Sundowns, kungenzeka u-Lucas Ribeiro ayalelwe ukuthi abuyele kule kilabhu, akhokhe isinxephezelo noma abhekane nezinye izijeziso.
Yize izingxoxo zisesezigabeni zokuqala futhi kungakabikho sivumelwano, kubukeka sengathi ukubuyela kukaRibeiro kwiSundowns sekuphinde kwaba yinto engenzeka.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
