EzintshaMamelodi SundownsMTN8

Ingwazi ixwayisa ngephutha elingenziwa yiSundowns koweMTN8 

Owayengumdlali wasemuva we-Mamelodi Sundowns, uDan Semake, usexwayise leli qembu ngephutha okungamele lilenze emdlalweni wamanqamu we-MTN8.

ISundowns izotholana phezulu ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo, lapho bezobe bebanga indebe yokuqala kule sizini.

USemake ukholwa ukuthi iSundowns ingazifaka enkingeni uma izama ukudlala ibhola elisheshayo elidlalwa yiPirates.

“Uma iSundowns izama ukuhambisana nejubane lePirates izobe yenza iphutha elibi,” kusho uSemake kwiKickOff. 

“IPirates inabadlali abasebancane, abanamandla futhi abasafuna ukuzibonakalisa nokuzakhela igama.” 

USemake uthi i-Mamelodi Sundowns kufanele isebenzise isipiliyoni sayo futhi idlale ngendlela eyijwayele uma ifuna le ndebe ye-MTM8.

Kodwa ukholwa ukuthi kukhona okunye okuzokwenza aMasandawana angene kulo mdlalo evutha bhe.

Uthi eminyakeni edlule iSundowns ibibukeka ingazimisele kakhulu ngezindebe zasekhaya, njengoba ibeka kakhulu amandla kwiBetway Premiership nasemiqhudelwaneni yase-Afrika.

Kulokhu uSemake ubona izinto zihlukile, ikakhulukazi njengoba iPirates iyihlwithe isicoco seligi ngesizini edlule.

“ISundowns izofuna ukufakazela ukuthi, ‘singayithatha uma sifuna’, ikakhulukazi ngemuva kokuthi iPirates iwine iligi ngesizini edlule,” kusho yena.

Lokhu kwenza owamanqamu we-MTN8 ungabi nje umbango wendebe kuphela, kodwa ube yithuba le-Mamelodi Sundowns lokuphendula izimbangi zayo zaseSoweto.