EzintshaMTN8

Ingwadla kwiPirates ngaphambi komdlalo neDowns

Lezi ziqhwaga zaseSoweto zizobhekana neMamelodi Sundowns eLucas Moripe Stadium okulindeleke igcwale phama ngoMgqibelo ntambama.

AmaBhakabhaka asekuqinisekisile ukuthi umdlali wasemuva kwesokudla uDeano van Rooyen ngeke awudlale lo mdlalo ngemuva kokulimala.

UVan Rooyen uklunyuke umsipha ngesikhathi bedlala neStellenbosch phakathi nesonto – iPirates iwunqobe ngo 1-0 lo mdlalo. 

Ukuphuma kwakhe kuphazamise ukuhlasela kweqembu, kwaphoqa ukuthi umqeqeshi ashintshe uKamogelo Sebelebele abuyele evuma.

USebelebele nguye owashaya igoli elibaluleke kakhulu emlenzeni wokuqala bebhekene neSundowns, muhle kakhulu uma ehlasela.

Manje umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou uhlalelwe yisinqumo esinzima: ukuthi amqalise emuva noma ambuyisele phambili bese eqala ngoTshepo Mashiloane emuva.

“Ukungabi khona kukaVan Rooyen kuphoqa ukuthi kuphinde kwenziwe izinguquko odongeni lwasemuva lweBucs,” kusho iPirates esitatimendeni.

Yengeza ngokuthi ayikakazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-28 alulame njengoba kusaqhubeka ukuhlolwa kwakhe.

ISundowns nayo izobe ingenaye ukaputeni wayo uThemba Zwane ophume exhuga emlenzeni wokuqala obuse-Orlando Stadium.

Lo mdlalo usanganqotshwa noma yiliphi iqembu njengoba umlenze wokuqala uphele zibambene ngo 1-1 – nokho lo mphumela uvuna iSundowns ngenxa yegoli lasekuhambeni. 

Umdlalo wangoMgqibelo uthembisa ukuvula esinye isahluko kulo mbango oshubile weMTN8 phakathi kwalezi ziqhwaga zebhola lakuleli.