
Imshiyise umsebenzi omusha i-Arrows ozosebenza noKhenyeza
- Alfred NGUBANE
IGolden Arrows ishiyise owayengumdlali wayo umsebenzi kungakapheli nezinsuku ezintathu eqashiwe.
Leli qembu laseThekwini elidlala kwiBetway Premiership ‘livukwe yiskhwele’ ngesikhathi lizwa ukuthi uKagisho Dikgacoi useqashwe eMpumalanga.
UDikgacoi, owadlala nakwiBafana Bafana naphesheya, ubeqashwe yiPhezulu FC edlala kwi-ABC Motsepe League eMpumalanga.
Ukuqashwa kwakhe kuleli qembu kuqinisekiswe ngoLwesibili, kodwa ngoLwesithathu wacela ukushiya esebizwe eThekwini.
ILisenethini isingakuqinisekisa ukuthi uDikgacoi ubekhona ejimini yasekuseni ye-Arrows la ethulwe khona ngokusemthethweni.
Kuvela ukuthi uzosebenza ngokubambisana noMabhuti Khenyeza ekuqeqesheni iqembu elikhulu kuBafana Bes’thende.
UDikgacoi ungene kwezokuqeqesha kusukela ethathe umhlalaphansi ngo-2018.
Ekuqaleni kwalo nyaka kwabikwa ukuthi uDikgacoi unezinhlelo zokusungula iKagisho Dikgacoi Academy of Excellence eFree State.
BUKA: Ujabulise amabhinca uMofokeng ejabulela igoli
UDikgacoi, owayedlala esiswini maphakathi nenkundla, usanda kuthola iCaf D Licence ne-English FA Scouting License.
