
UMasango uhlonza umsuka wolaka lwabalandeli beChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Njengoba indaba yokuhluleka ukuziphatha kwabalandeli isematheni kulezi zinsuku futhi igxekwa ngapha nangapha, uMandla Masango useqhamuke nombono ohlukile.
UMasango, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs, uthi yize kungamele iyekwe iqhubeke eyokuziphatha budlabha kwabalandeli, kodwa kumele kubhekwe nomsuka wayo.
Ukholwa wukuthi umsuka walokhu kuhlupha okwenziwa abalandeli, ikakhulukazi abeChiefs, emidlalweni muva nje yindlela onompempe abahlulwa ngayo wumsebenzi wabo.
Uthi ngaphezu kokufaka izinhliziyo zabo ebholeni, abalandeli sebefaka nemali eyengeziwe muva nje njengoba sebebheja.
“Siyashesha ukusola abalandeli ngokuziphatha kwabo,” usho kanje ekhuluma noThabiso Mosia weRadio 2000 kuleli sonto.
“Kodwa kumele silibhekisise nezinga lokushaywa kwempempe kwiPSL.
“Sidinga izinga libe ngcono ngoba kuningi okuthinta abalandeli ngebhola manje – bayabheja.”
Kusuke izinkulumo-mpikiswano ngempelasonto njengoba umdlalo weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns weCarling Knockout uke wamiswa.
Lokhu bekulandela ukuthi abalandeli bengene enkundleni begijimisa unompempe, besho ukumqeda nya.
Bebekhala ngokuthi uyenzelela ukusiza iSundowns kulo mdlalo. Nokho ezinye zezinqumo abebekhala ngazo kuvele ukuthi bezishaya emhlolweni.
IChiefs nayo ikhiphe isitatimende igxeka lesi senzo futhi izibophezela kwezokwenza ukunqanda lezi zigameko eseziyivamile.
