EzintshaKaizer Chiefs

Ihlazo leChiefs ‘beliyisibusiso esifihlekile’ – Doctor Khumalo

Kodwa manje ibukeka ibe yisibusiso esicashile, ngokubona kwenkakha yaleli qembu uDoctor “16V” Khumalo. 

Uthi ukungabi nengcindezi yokudlala iMTN8 ekuqaleni kwesizini kunikeze umqeqeshi uNasraddine Nabi namaphini akhe ithuba lokuhlanganisa abadlali kahle.

“Impela beyihlekwa futhi vele kuyinto engeyinhle ukuthi iChiefs ingangeni kwiTop 8,” kusho uKhumalo.

“Kodwa manje uma sewukubuka ngelinye iso, uyabona ukuthi kube yisibusiso ngoba kwenze iqembu laqala lingenangcindezi.

“Kunike uNabi isikhathi esanele sokuthi azihlele kahle ukuqala kwesizini,” kucaciso le ngwazi eyayingaconsi kubalandeli ngezikhathi zayo. 

IChiefs isayine abadlali abayishumi abasha. Labo ngoSiphesihle Ndlovu. Thabiso Monyane, Ethan Chisslett, Paseka Mako, Luke Baartman, Asanele Velebayi, Lebohang Maboe, Flavio Da Silva, Nkanyiso Shinga no-Etiosa Ighodaro.

Kulaba, nguMako, Monyane noNdlovu kuphela abasadlalile kwiChiefs okwamanje kanti uKhumalo uthi badinga isikhathi ukuze bangene kahle egiyeni.

“Laba badlali badinga ukuhlanganiswa kahle ukuze bamdlalele umqeqeshi uNabi,” kuqhuba uKhumalo.

“Mina ngibona abadlali bethu bedlala kahle kodwa abanye basadlalela emuva noma iqembu lihlasela. 

“Kuzomele bayisebenze ejimini eyokuthi uma ngabe uhlasela awubheki emuva, kodwa uya phambili  kuzona izitha.” 

IChiefs iyiqale kahle lesizini kwiligi – inqoba imidlalo emithathu, yadlala ngokulingana kowodwa – futhi kumanje isendaweni yesibili kwilogi. 

NgoMgqibelo izobe ibheke ukuqhubeka nalo mgqigqo wayo omuhle uma seyibhekene neGolden Arrows eMoses Mabhida Stadium – umdlalo uqala ngo-5.30 ntambama.